Umlando Wesibongo Sakwa Sibiya

Izithakazelo Sibiya, Sotobe, Gazu! Wena Sibiya ngenkom’ abafokazana bebiya ngamahlahla! Ndaba, Gumede, Khathi, Manyelele, onyelela njengentomb’ iy’ esokeni! Nina bakwa nkom’ isengelw’ emaweni, ingasengelwa esibayeni, akuyona eyakhona! Sikhobobo sikaMabhabhakazane! Imvelaphi yakoSotobe! Isizwe sakwaSibiya bebe ngochwepheshe ekucupheni izinyamazane, lokhu bekwenza njengento ewumkhuba nomdlalo olidumela kanti futhi nemfuyo ibibathanda ikakhulukazi izinkomo. Bebefuye imihlambi ngemihlambi yezinkomo. Lezizinkomo bebezithola … Read more

Umlando Wesibongo SakwaShezi

Umlando wesibongo sakwaShezi (amaChube) AmaChube yisizwe esinomlando obalulekile KwaZulu. Imvelaphi yabantu bakwaShezi iseNkandla ngoba ingxenye enkulu yalendawo kuhlanganisa nehlathi lakhona kungokwakaShezi. Bayisizwe asisiphe ngokwekhono ngoba babesebenza ngensimbi bakha amageja nemikhonto. Endaweni yaseNkandla kunentaba ebizwa ngokuthi kukaNomachi lapho lesizwe esasiphala amadwala bawancibilikise bese kuphuma insimbi ababenza ngayo lezinto ezibalwe ngenhla. Lokhu babengakwenzi bodwa babesebenzisana nesizwe sakwaWosiyana … Read more

Umlando Wesibongo SakwaQwabe

Isibongo sakwaQwabe sivele egameni lenye yamadodana kaMalandela, uQwabe. UQwabe wayelanywa nguZulu okwenza imilando yabo ifane. Njengazo zonke izelamani kwaba khona ukungaboni ngaso linye ngokubhekwa kwemfuyo yasekhaya ngoba uQwabe wayekhonze kakhulu ukuzingela engenaso isikhathi sokubheka imfuyo nezinye izinto zomndeni, okwenza ukuthi izinto eziningi zomndeni zenziwe nguZulu owayemncane kunoQwabe. Ngenxa yalokhu uQwabe ushiyile ekhaya waya kozakhela umuzi … Read more

Umlando Wesibongo SakwaNtuli

Abantu bakwaNtuli baziwa njengaMabhele. Batholakala endaweni engaphansi kwentaba iLenge ngaseMhlumayo, eMnambithi. Baziwa kakhulu ngokuthi uma befunga bathi, “Ngiwafunge aMabhele eseLenge!” Amanye aMabhele atholakala ngaseNtabeni yaseNkuzi ngenhla nomfula iNdaka ngaseWashibhange. Kuthiwa langa limbe iNkosi uShaka izipholele ngaphansi komthunzi nenduna yayo kwabonakala ngefu lothuli liza ngakubona. Kuthiwa kwakukhona amadoda, abantu besifazane nezingane. Kuthiwa bathi uma befika ngasemfuleni … Read more

Umlando Wesibongo SakwaNtshangase

Umlando WakwaNtshangase Nezithakazelo zaboNtshangase! Menziwa! Nina bakaGala kaNodade Nin’ enibiya ngenkomo Abanye bebiya ngamahlahla Nin’ enasindis’ uZulu Ezobulawa yindlala ngoNandi Nina bakaSitambi kaMasiphula. Umlando wabo Abantu bakwaNtshangase bangama Ntungwa-Nguni baphuma KwaZulu endlini encane kaNdaba eyaziwa ngokuthi kuseGazini ngoba enkulu ngeyaseMqekwini. Baphuma kuNtshwankeni owabelamana noXhoko. Bangabantu ababodwa nabakwaBiyela. Bona bazibize ngoNtshangase baseMgazini nje yingoba uNtopho kaNtshwankeni … Read more

Umlando Wesibongo SakwaNtombela

Umlando wakwaNtombela Nezithakazelo zabo Mahlobo! Mpangazitha! Nin’ enipheka ngembiz’ ende Isibong’ esibi Esingabizwa ngabalandakazi Sisindi somtshiki Nin’ enishay’ impukane ngesibhakela Niyinqamul’ amathumbu Nina bakwaMalandela Nin’ enizal’ uZulu Nina bakwaDambuza Nina bakwaLuswazi Dlukula! Nzuza! Sishosho sikaPhunga noMageba. Umlando wabo Abantu bakwaNtombela baphuma kuNtombela ongumnewabo kaMalandela bezalwa nguLuzumane kaMnguni. ULuzumane ubenamadodana amaningi kuwo kubalwa, uMcineka, uMchunu, uKhanyile, … Read more