Ubizo neSifo Senqondo

UNokulinda Mkhize yisangoma esike sakhuluma ngesihloko esithi ubizo (ubizo lwamadlozi) nokugula ngengqondo. NgokukaMkhize miningi imibandela ethinta umzimba nomqondo okufanele ibhekwe uma umuntu ethwasa , njengoba isikhathi esiningi umuntu efikelwa wukucindezeleka okukhulu emqondweni uma amadlozi ezama ukudlulisa kuye izimpawu zobizo. Kuphinde kube nodaba lwalezi ‘zimpawu’ noma imiyalezo ephanjaniswa nesifo sengqondo. Enkulumweni yakhe uMkhize, osesebenza njengo gobela … Read more

Izindlu zesintu zakwaZulu

Izindlu zakwaZulu zakhiwa ngodaka, utshani, izigxobo zezihlahla, nangezitini zodaka. Basebenzisa izandla nezinyawo ukwakha izindlu. Ngokwesiko lakwaZulu kwakungumsebenzi wendoda ukwakha indlu, kepha nabesifazane bayasiza ekwakheni indlu. Yize kwakuwumsebenzi wendoda ukwakha izindlu, izindlu eziningi zakhiwa ngabesifazane njengoba abayeni babo besebenza kude namakhaya. Iminyango yezindlu kumele ibheke ohlangothini olufanayo. Iphansi lenziwa ngabesifazane besebenzisa ingxube yobulongwe bezinkomo nenhlabathi, ukuze … Read more

Ukupheka uphuthu

Uphuthu ukudla okuthandwa kakhulukazi amaZulu. Uye ubezwe mabedlala bethi indoda yangempela idla uphuthu kanti uma unteketeke bathi kusho ukuthi udla amanoodles. Noma kunjalo uphuthu luthandwa ngabaningi ngaphandle nje kwamaZulu. Kulesi siqeshana sibheka ukuthi luphekwa kanjani uphuthu. Okudingayo/Izithako Indlela yokupheka Bilisa amanzi ebodweni ufake usawoti/iswayi bese ufaka impuphu uqede ulivale ibhodwe imizuzu emibili, ungavula nembhobo phezulu … Read more

IShree Gopal Hindu Temple elise Temple Valley eVerulam, eThekwini

IShree Gopal Hindu Temple eliseVerulam eNyakatho yeTheku liyingqophamlando emlandweni elisukela ezinsukwini zezisebenzi zaseNdiya. Kuwuphawu emlandweni okhombisa ukuzimisela nesibindi sezisebenzi ezazicindezelwe ezaziqinile emasikweni nasenkolweni. Nakuba babekwelinye izwe, babezimisele ukulondoloza isiko labo elachumayo kuze kube manje. Nomaphi lapho behlala khona noma bebuthana khona, bamisa izindawo ezingcwele lapho bekhulekela khona. Umlando weShree Gopul Temple IShree Gopal Hindu Temple … Read more

UMzinyathi Falls, eThekwini – KwaZulu Natali

UMzinyathi Falls iyindawo enhle etholakala Ebuhleni, eNanda. Impophoma yaseMzinyathi isetshenziswa ibandla iBaptist Nazareth Church (Shembe) ukubhabhadisa. Impophoma izungezwe izihlahla eziningi zomdabu ezisukela eminyakeni engu-100, iFall iphinde ibe ikhaya lomphakathi omncane wamaRasta ohlala emhubheni. UMzinyathi Falls ifakwe nguMasipala weTheku njengenye yezindawo eziheha izivakashi njengengxenye yomlando onothile waseNanda. Indawo ebaluleke kakhulu kwaShembe Enyakatho ekude neNanda kuseBuhleni, indawo … Read more

IHare Krishna Temple eChatsworth

Indawo ithempeli elikuyo Ithempeli i-Hare Krishna, elaziwa ngeSri Radhanath Temple of Understanding litholakala endaweni yamaNdiya amaningi eChatsworth cishe amakhilomitha angu-20 eningizimu yedolobha laseThekwini. Ingenye yezindawo eziheha izivakashi kakhulu eThekwini futhi iwuphawu lwawo wonke amathempeli awo wonke amaNdiya alandela inkolo yamaHindu. Ithempeli linikezelwe kuLord Krishna, unkulunkulu okhonzwa amaHindu. Isakhiwo sethempeli Kunezizathu eziningi zokuthi kungani ithempeli libe … Read more