UMzinyathi Falls, eThekwini – KwaZulu Natali

UMzinyathi Falls iyindawo enhle etholakala Ebuhleni, eNanda. Impophoma yaseMzinyathi isetshenziswa ibandla iBaptist Nazareth Church (Shembe) ukubhabhadisa. Impophoma izungezwe izihlahla eziningi zomdabu ezisukela eminyakeni engu-100, iFall iphinde ibe ikhaya lomphakathi omncane wamaRasta ohlala emhubheni. UMzinyathi Falls ifakwe nguMasipala weTheku njengenye yezindawo eziheha izivakashi njengengxenye yomlando onothile waseNanda.

Indawo ebaluleke kakhulu kwaShembe

Enyakatho ekude neNanda kuseBuhleni, indawo engcwele yenkolo yamalungu akwaShembe. UShembe ibandla elikhulu lama-Afrika KwaZulu Natali elinamalungu angaphezu kwezigidi ezimbili. Leli bandla lasungulwa nguMprofethi u-Isaiah Shembe ekuqaleni kwekhulunyaka lama-20 (20th century). Indlunkulu yebandla kwakuseKuphakameni, eNanda (ngaphezu nje kwePhoenix Settlement) kwaze kwaba ngama-1980. Endleleni eya Ebuhleni kunesigodi saseMzinyathi lapho uBukhosi bamaQadi bakhe khona ekuqaleni kwekhulu le-19 (19th century) emuva kokubalekela kwenkosi uDingane owayeyinkosi yakwaZulu ngaleso sikhathi. Inkosi yamaQadi inomuzi wayo waseNdlunkulu esigodini. EMzinyathi ichweba lomfula uMngeni liwubukhazikhazi boMzinyathi Falls. Ebuhleni ihlonishwe ngenani labaholi abanohlonze, abakudala nabamanje ikakhulukazi amaNdiya nabaNsundu ababambe elikhulu iqhaza emlandweni waseNingizimu Afrika.

Ibhalwe uSbo Dladla

Leave a Comment