Izindlu zesintu zakwaZulu

Izindlu zakwaZulu zakhiwa ngodaka, utshani, izigxobo zezihlahla, nangezitini zodaka. Basebenzisa izandla nezinyawo ukwakha izindlu. Ngokwesiko lakwaZulu kwakungumsebenzi wendoda ukwakha indlu, kepha nabesifazane bayasiza ekwakheni indlu. Yize kwakuwumsebenzi wendoda ukwakha izindlu, izindlu eziningi zakhiwa ngabesifazane njengoba abayeni babo besebenza kude namakhaya. Iminyango yezindlu kumele ibheke ohlangothini olufanayo. Iphansi lenziwa ngabesifazane besebenzisa ingxube yobulongwe bezinkomo nenhlabathi, ukuze kuqiniswe phansi. Munye kuphela umnyango oyindawo yokungena nokuphuma kuleyo ndlu. Imvamisa iminyango ibamvishane kangangokuba noma ngubani ongenayo, uyagoba. Okungenani izindlu zizohlala iminyaka engu-10 kuye kwengu-15 ngaphambi kokwakhiwa kabusha. Okwenzeka kakhulu ngukuthi, umndeni uqhubeka nokwakha ezinye izindlu eduze kwaleyo ngaphandle uma iwile noma bona uqobo beyiwisa.

Uphahla (roof)  lwakhiwa ngotshani obuthungelwe ezinkunini ngentambo. Inqubo yokuqedela ngotshani kungathatha impelasonto eyodwa noma kufika ezinyangeni ezimbili kuya ngokuzibophezela kukamakhi, kusukela phansi kuya phezulu, ingxenye ngayinye ithungiwe, iboshwa iqine ukuvikela ngokuphelele isimo sezulu.

Kunezinhlobo ezahlukene zezindlu. Izindlu eziwulawondi yilezo ezinesimo esiyindilinga (rondavel), eyenziwe ngezitini zodaka nangesoyi, isetshenziswa njengendawo yokulala.

Izindlu eziyisikwele ngokuma. Lendlu isetshenziswa njengegumbi lezivakashi. Am-Huts yizindlu ezakhiwe ngotshani kusuka odongeni kuze kufike ophahleni. Lezi zindlu zibizwa ngokuthi yindlu kagogo njengoba kulapho kuhlala amadlozi. Imvamisa bapheka ngaphandle kwendlu egcekeni.

Umthombo: Izakhiwo Zomdabu

Umbhali: Allen G Noble
Umshicileli: I.B. Tauris year 2007
Eminye imithombo: Mr. Gumbi
UMakhi wezindlu zesintu eMbumbulu

Leave a Comment