UKaunda kwiKhomishana Yamalungelo Abantu

Ziningi izinkinga ezibhekene noMaspala weTheku kwezezimali nokuphathwa kwalelidolobha. UMxolisi Kaunda wethule ubufakazi ngomonakalo owenzeka ngonyaka owedlule, Julayi 2021, kasikhathi kunemibhikisho enodlame kuntshontshwa izimphahla ezitolo (unrest).

UMxolisi Kaunda uthe umonakalo owenzeka ngesikhathi se-unrest wenzaka yena engekho ehhovisi eku-isolation ngemuva kokutholakala neCOVID 19. Ethula ubufakazi phambi kweKhomishana Yamalungelo Abantu YaseNingizimu Afrikan ( South African Human Rights Commission/SAHRC) ngomphenyo lodlame olwenzeka esifundazweni saKwaZulu Natali naseGoli. UKaunda ubethula ubufakazi lapho bekumele achaze ukuthi yena nomaspala wakhe yini abayenzile ngaphambi kukuqhubuka kwaloludlame, ngesikhathi lwenzeka nangesikhathi seluphelile njengoba lwadlula nemiphefumulo yabantu abangu-300.

Udlame nokutshontshwa kwempahla kwadala omukhulu umonakalo kwezamabhizinisi. UKaunda ubike uthi konke okwenzeka kwenzeka yena engekho elashwa iCovid 19 eyayimbambile.  Uthe akanalo ulwazi olunzulu ukuthi yini eyenziwa kepha yena wasebenzisa uFacebook wakhe ukugqugquzela ukuthula nokungacekeli phansi imphahla. UMaspala weTheku ubhekene nezinkinga eziningi kungekudala abahlali bebekhala ngoketshezi (sewage leak) olungcolisa amanzi olwandle okuholele ekuthini kuvalwe amabhisi anahlandla amaningana. Imeya njengoba bekumele iziphendulelele ku-SAHRC ngalolu dlame olwenzeka ngonyaka owedlule njengoba lesi senzo saqopha umlando eThekwini.  Yize izinkinga zixakile kumaspala kepha uKaunda ekwethuleni kwakhe ubufakazi, uzincome ubuholi bakhe.

Ngenxa yazo zonke lezi zinkinga, akuthusi uma amaqembu aphikisayo efuna ukuthi imeya uKaunda akhiphele obala ezezimali zikamaspala asho ukuthi idolobha linamalini ebhange. Kunemphakathi ekhala ngezinsiza nqangi (basic services), ebona nokuthi kungcono iyeke ukukhokhela intela. Kuningi okungahambi kahle kepha imeya izibona ingumholi oyisibonelo.

Article Overview

EThekwini Municipality mayor, Mxolisi Kaunda, said he was in isolation due to Covid 19 when the last year’s July unrest took place. Kaunda was giving evidence on the South African Human Right’s investigation hearing on the unrest which led to violence and looting.

Leave a Comment