Kuqopheke umlando ngemuva kwemiphumela yokheto lohumuleni basekhaya obelungo mhlaka 01 Novemba 2021. I-ANC ilahlekelwe omaspala abaningi kakhuukazi esifundazweni saKwaZulu Natali. Lokho kube utshintsho olunkulu emlandweni wezepolitiki. Yize kunjalo i-ANC ikwazile ukubuyisa uMaspala weTheku, uMxolisi Kaunda wabuyela esikhundleni sokuba imeya. Uzokhumbula ukuthi ngemuva kwemiphumela yokhetho i-ANC ithole ngaphansi kuka- 50% amavoti okuholele ekutheni ibange lesikhundla namanye amaqembu aphikisayo. OkaKaunda uthole-113 wamavoti ehlula ibhangi yakhe uNicole Graham weDA obethole amavoti awu-104 emhlanganweni womkhandlu obubanjelwe e-ICC eThekwini ngoLwesithathu mhlaka 24 Novemba.
Ukunqoba kukaKaunda kube yimpumelelo ngenxa yoxhaso luka Philani Mavundla ongumsunguli we-Abantu Batho Congress (ABC) eyabe inezihlalo ezimbili emkhandlwini. I-ANC ikwazile ukunxenxa UMavundla owayeyimaye yayo eGreytown ukuba ahlanganyele nayo ekuvoteleni uKaunda. UMavundla naye obephakamiselwe esokuba isekela meya uphumelele ngamavoti awu-113. UKaunda ubeqala ukunqoba lesisikhundla ngokwamavoti njengoba aqokelwa ukuba imaye ngemuva kokukhonjwa indlela kwaloyo owayeyimeya uZandile Gumede nekomidi lakhe eliphezulu ngo-2019.
UGraham usale kancane ngamavoti njengoba ebexhaswe i-IFP, EFF, Action SA kanye namanye amaqembu amancane. Izikhulu eziphezulu ebezihambele lokhu kuvota kubonakale undunankulu waKwaZulu Natali uSihle Zikalala, unobhala we ANC esefundazweni uMdumiseni Ntuli, MEC wezemfundo uKwazi Mshengu.
Article Overview
Through last-minute negotiations with smaller parties, the ANC was able to hold on to eThekwini Municipality as Mxolisi Kaunda won the mayoral race against opposing parties. Kaunda won with 113 votes against the DA’s Nicole Graham who got 104 votes in a council meeting held at Durban ICC. Kaunda retained his position and was re-elected as mayor thanks to the support of Philani Mavundla, founder of the Abantu Batho Congress (ABC). The ANC was able to persuade Mavundla to join in their fight and vote for Kaunda in exchange for him becoming deputy mayor.