Ukucela Inala

Isimningana yona imikhosi yasekhaya esekulotshwe ngayo kulengosi yolwazi lwesintu, noma seluhlutshiwe udlubu ekhasini kodwa ke ngithi ake ngiqhubeke ngenabe njengoba ngelulelwe isandla sokwenaba. La ke sibhunga ngokucela inala. Into eyenza ukuthi kugxilwe kulemkhosi engasewona ndabamlonyeni manje ukufundisa laba abanolwazi oluncane ngayo, njengoba okhokho bethu bekuyinto abayitusayo ukugubha imikhosi kwaZulu. Lomkhosi wabe wenganyelwa inkosi, okwakuthi iziphakanyiswa zezifundiswa ezithile zibe nawo amandla okuhola imikhosi yaloluhlobo, kodwa ke kwakuya ngokuthi inkengane igesele ngaphi. Emandulo bekuphilwa ngokuzingqwabela obekuthi uma imvula ishaya isinqa sayo kulale ikati eziko isizwe sibulawa inkemane.

Bekuthi uma impi kaNomkhubulwane isingenile bekuqoqana abantu phansi komnumzane waleso sifunda esihlaselwe isikhonyane sikaNomdede bezocela ukuba kwenziwe isiko likaNomdede. Inkosi yakuleyo ndawo ibikhipha isinqumo sokuthi amatshitshi ngelanga elithile elibekiwe aye entabeni ephakeme. Izintombi lezi bezivuka kusempondo zankomo ziye kuleyontaba zizigcobe ibomvu. Uma sezisuka lapho bezingena umuzi nomuzi njengoba kusuke kucinyelwa zicela ihlwayelo, okuthi uma zifika kulowomkhaya bezihlala ebaleni zingasho lutho, usokhaya wakulo muzi azinike leyo nhlayelo obekuba ummbila, amabhece nokunye okuningi. Emva kokungena yonke lemizi ebusuku zikhukhusa nalembewu ziye emzini wesaguga esesiguge kakhulu endaweni. Imbewu le ibihlukaniswa kabili, enye kugaywa ngayo utshwala, enye ke yona ilinde ukutshala insimu kaNomkhubulwana.

 

Brief Overview

There are many traditional ceremonies which used to be done, which had a certain significance on our cultural heritage and even the greater society in the greater Zulu Kingdom. This article briefs us about the ceremony called ukucela inala, which is associated with the ceremony called umkhosi kaNomkhubulwane.

Leave a Comment