Izibizo zelobolo zinikwa bani uma kuxabene umndeni

Izibizo yizipho ezilethwa ngabasekhweni uma kulotsholwa intombi, yilezi ezibizwa ngezingxoxo zokuqala zamalobolo. Lapha sizobheka ukuthi uma umndeni ungezwani noma ungangenelani lezizipho kungabe zinikezwa abantu abaqondene nazo ngempela yini. Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi kukhona imindeni engangenelani ngenxa yezimo ezithile. Kuthiwa esikhathini esiningi kuvamise ukuthi kube omakoti abaxoshwa emzini bahambe nezingane umuntu azakhele umuzi wakhe yedwa. Uma isimo … Read more

Imikhuba Nezinkolelo Ezenziwa Ngabantu Besilisa Ukuvikela Imishado Yawo

Emandulo lapho obaba bemizi babesalwa izimpi zezigodi noma zamakhosi noma behambe ngokomsebenzi beya ezimayini okwakubenza behamba isikhathi eside bengekho emakhaya. Ukungabikho komnumzane ekhaya ngenxa yalezizithu kwakungeyona into engajwayelekile emphakathini noma endaweni abayakhele. Ngalokho ziningi izimo noma izinto ezazenza nokuthi ukuthembana ekhaya kungabikho njengokuthi umnumzane uzobona kungumsebenzi wakhe ukuthi avikele umuzi wakhe noma ekude nawo. Lokho … Read more

Inhlawulo Ekhishwa Ngabakhongi Ekhweni

Inhlawulo Ekhokhwa Ngabakhongi Uma Kulotsholwa Ngibe nengxoxo noMama Zinhle Shabalala ohlala endaweni yase-Inanda owazalelwa kaMaphumulo. Umama usichazele ngamahlawulo akhokhwa ngabakhongi uma kuzolotsholwa. Ezikhathini zakuqala inhlonipho kwakuyinto eyayikhona futhi abantu bakuqala babesigcina isikhathi njengokuthi uma ngabe umuntu wayethi uzofika ngokukhala kweqhude lokuqala kwakufanele enze njengokusho kwakhe. Abakhongi nabo kwakubalulekile ukuthi bagcine isikhathi abasishilo emzini wendoda uma … Read more

Kungabe Liyini Ilungelo Lendoda Engene Umfazi Kamfowabo Efeni Lakhe

Ngibe nengxoxo noSizeni Shange ohlala endaweni yase-Inanda, Ohlange. Umama usixoxela ngendaba yokuthi uma indoda ingena unkosikazi kamfowabo kufanele ekugcineni itholeni uma sekuziwa ngezolobolo. Khumbula ukuthi phela umuntu uma engena unkosikazi kamfowabo usuke engamlobolanga, azikho izinkomo asuke ezikhiphile. Kusuke kuyinto ekusuke kuvumelene umndeni noma imindeni yabo bobabili ngayo. Nokuthi uma indoda ifuna ukungena isuke yazi kahle … Read more

Indawo Lapho Kufanele Izingxoxo Zamalobolo Zibanjelwe Khona

Udaba lokulobola lude futhi miningi imigomo nemithetho elandelwayo uma kuqala lesigaba. Okubalulekile ukuthi yomibili imindeni kufanele iqinisekise ukuthi ziyalandelwa zonke izinto ngendlela ezojabulisa nalabo abangasekho. Lapha sibheka ukuthi ilobolo kufanele likhokhwe komuphi umuzi. UMama uThembi Mdlalose usilandise kabanzi ngaloludaba. Ilobolo isiko elibalulekile lesintu lapho imindeni emibili engazani iqala yakha ubuhlobo ngoba izingane zabo sezifuna ukuganana. … Read more

Izindlela Zesintu Ezisetshenziswa Abantu Ukuqinisa Uthando

Esithenjini KwaZulu bekuyinto eyaziwayo ukuthi uma indoda yesigodi kuyindoda esuthayo, omacaphuna kusale, wayekwazi ukuthatha isithembu sabafazi ababili noma babe bathathu kuya ngamandla endoda. Kodwa lokhu kusukela emandulo lapho umama wekhaya, ubesethi uma esebona engasenawo amandla okondla kahle nokunakekela ubaba wekhaya ngenxa yokuhamba kweminyaka. Akhulume nobaba wekhaya echaze isimo sakhe bese ethi, umnika igunya lokuthi angamthola … Read more