Akuselona leli kheli – King Dinuzulu Road

Ngokubuyekaza isibili emagameni emigwaqo amasha aseThekwini , besicabanga  ukubheka umgwaqo odabula enkabeni yedolobha lethu, futhi osingatha umjaho odumile weComrades Marathon obakhona minyaka yonke. Umgwaqo iBerea, manje osekuyiKing Dinuzulu Road, ‘uyisango’ eliya eThekwini, iTollgate Bridge yakha uphawu olukhulu lokwamukela! Njengombono wabantu wokuqala ngeTheku kubukeka kufanelekile ukuthi lo mgwaqo uqanjwe ngegama lenkosi yamaZulu. INkosi uDinuzulu kaCetshwayo (1868 … Read more

Akuselona leli kheli – Kusuka ekubeni u-Aliwal Street kwaba uSamora Machel Street

Sekuyisikhathi eside saqala ukusebenza ngohleko lwe- ‘No Longer at This Address’ (Akuselona leli Kheli) lapho sibheka khona umlando wezinguquko zomgwaqo (ezithile ezinempikiswano) eThekwini. Kuyathakazelisa ukuthi akuwona wonke amagama emigwaqo emisha aqanjwe ngamagama abantu baseNingizimu Afrika, kanti ambalwa impela aqanjwe ngamaqhawe omzabalazo aphesheya. USamora Machel Street, owayekade eyi-Aliwal Street, ukuhlonipha umholi wangaphambili wezinguquko nomongameli waseMozambique. Wazalwa ngo-1933 … Read more

Akuselona leli kheli – Kusuka ekubeni uWest Street Kwaba uDr Pixley kaSeme Street

UWest Street kufanele kube ngomunye wemigwaqo edume kakhulu eThekwini, edabula phakathi nendawo enkabeni yedolobha (CBD). Lomgwaqo waqanjwa kabusha ngo-2007 ukuhlonipha ummeli wokuqala omnyama waseNingizimu Afrika, uDokotela Pixley KaSeme. Umshana kaJohn Dube, uKaSeme wathuthela eMelika wayofunda eColumbia University, kwathi ngokuhamba kwesikhathi wathuthela eNgilandi eyofunda ezomthetho e-Oxford University. Ngo-1911 uKaSeme wabuyela eNingizimu Afrika futhi waba neqhaza elikhulu … Read more

Akuselona leli kheli- Moses Mabhida Stadium

Kulolu chungechunge lwe-No Longer at This Address (Akuselona leli kheli), sigxila kumagama emigwaqo amasha eThekwini, nakubantu abaqanjwe ngabo ukuhlonipha. Futhi ngenkathi igama likaMoses Mabhida lingewona umgwaqo, inkundla yebhola lezinyawo iyingxenye enkulu ekubalazwe eThekwini (nobulona) esacabanga ukuthi kufanelekile ukubhala ngalo! UMoses Mbheki Mncane Mabhida wazalelwa KwaZulu-Natal, ngaphandle kwaseMgungundlovu, ngomhlaka 14 Okthoba 1923. Ubaba wakhe wayengumgqugquzeli, elibalulekile … Read more

Akuselona leli kheli – kusuka ekubeni iDavenport Road kwaba iHelen Joseph Road

Ngomhlaka 9 Agasti 1956 izinkulungwane zabesifazane bazo zonke izinhlanga bamasha baya e-Union Buildings ePitoli. Inhloso yabo kwakuwukuhambisa uhlu lwezikhalazo kuNdunankulu wangaleso sikhathi, u J.G. Strijdom, ukuphikisana nemithetho yamapasi owawuthi abantu abamnyama base-Afrika ukuthi baphathe uhla lwamadokhumenti, okufaka phakathi isithombe, amarekhodi okuqashwa, ukukhokhwa kwentela kanye namarekhodi obugebengu, okwenza uhulumeni akwazi ukuqhubeka nokuvimba ukuhamba kwabantu abangebona abamhlophe. Bekungekho … Read more

Akuselona leli kheli – Kusuka ekubeni uCowey Road kwaba uProblem Mkhize Road

Njengba kunezinguquko ezweni lonkana sicabanga ukuthi umqondo omuhle ukuthi sibhale ngomlando omncane waseNingizimu Afrika, wakamuva nowedlule. Akubonakali kungenzeka, kodwa cishe eminyakeni eyisikhombisa edlule lapho impi namagama emigwaqo yaseThekwini yaqala. Emizamweni yokwamukela omunye umlando waseNingizimu Afrika owawukhohlakala kaula ngesikhathi sobandlululo, amagama emigwaqo eThekwini amaningi aguqulwa ngo-2007. Izinguquko azizange zithathwe kahle, futhi kwalandela izimpi zenkantolo ezinde nezingxoxo … Read more