UWest Street kufanele kube ngomunye wemigwaqo edume kakhulu eThekwini, edabula phakathi nendawo enkabeni yedolobha (CBD). Lomgwaqo waqanjwa kabusha ngo-2007 ukuhlonipha ummeli wokuqala omnyama waseNingizimu Afrika, uDokotela Pixley KaSeme. Umshana kaJohn Dube, uKaSeme wathuthela eMelika wayofunda eColumbia University, kwathi ngokuhamba kwesikhathi wathuthela eNgilandi eyofunda ezomthetho e-Oxford University. Ngo-1911 uKaSeme wabuyela eNingizimu Afrika futhi waba neqhaza elikhulu ekuhleleni umhlangano wokuqala weSouth African Native National Congress (owaqanjwa kabusha ngokuthi i-African National Congress), inhlangano okwathi kamuva waba nguMongameli Jikelele wayo. I-Wikipedia ifanisa ukuhlelwa kobuzwe kukaKaSeme kwabase-Afrika nemizamo kaMahatma Gandhi.
UDokotela Pixley KaSeme ushone ngo-1951.
Cofa lapha ukufunda i-SA History Online’s ngomlando wale-pioneer yaseNingizimu Afrika.
Izithombe ngezilokotho ze-wikipedia.org.