Akuselona leli kheli – Kusuka ekubeni u-Aliwal Street kwaba uSamora Machel Street

Sekuyisikhathi eside saqala ukusebenza ngohleko lwe- ‘No Longer at This Address’ (Akuselona leli Kheli) lapho sibheka khona umlando wezinguquko zomgwaqo (ezithile ezinempikiswano) eThekwini. Kuyathakazelisa ukuthi akuwona wonke amagama emigwaqo emisha aqanjwe ngamagama abantu baseNingizimu Afrika, kanti ambalwa impela aqanjwe ngamaqhawe omzabalazo aphesheya.

USamora Machel Street, owayekade eyi-Aliwal Street, ukuhlonipha umholi wangaphambili wezinguquko nomongameli waseMozambique. Wazalwa ngo-1933 kubalimi, uMachel wabona umphumela wombuso wamaPutukezi owabukoloni kubantu bakhe. Abazali bakhe baphoqeleka ukuba batshale ukotini okwakuwukusebenza kanzima, esikhundleni sokudla ababengondla ngakho umndeni wabo, futhi njengomuntu omdala osebenza njengomhlengikazi, uMachel wabona ukuthi abahlengikazi abamnyama babekhokhelwa imali engaphansi kozakwabo abamhlophe ngomsebenzi ofanayo, futhi kwakunomehluko ngosizo lwezokwelapha olunikezwa iziguli ezimnyama nezimhlophe. Wake wacashunwa ethi, “The rich man’s dog got more in the way of vaccination, medicine and medical care than did the workers upon whom the rich man’s wealth was built.”

Ngo-1962 uMachel wajoyina i-Front for the Liberation of Mozambique (Frelimo), waba ngumkhuzi nenduna ngo-1970. Ibutho lamavukelambuso laseFrelimo lenza buthaka uhulumeni wasePortugal, kwathi ngemuva kokuvukela umbuso ngo-1974 amaPutukezi aphoqeleka ukuba ahambe eMozambique, noMachel eba ngumongameli wokuqala ozimele waseMozambique ngoJuni 1975. Wathi uMarxist Machel akwenzelwe ubuzwe bamasimu nempahla yasePutukezi, washesha wasungula izikole zikahulumeni nemitholampilo yabampofu. Yize ayenokwesekwa abaningi, izinhlangano eziphikisana nezinguquko zacekela phansi izikole nezibhedlela ezakhiwe yiFrelimo, ngomnotho owawudonsa kanzima, iMozambique yasheshe yathembela osizweni lwaphesheya.

Ngo-Okthoba 19, 1986 uSamora Machel wayesendleleni ebuya emhlanganweni wamazwe omhlaba eZambia ngesikhathi indiza ayehamba ngayo ishayisa ezintabeni zaseLebombo, ngaseMbuzini. Bebayisishiyagalolunye abasinda kodwa uMengameli Machel nabanye abangamashumi amabili nane bashona, kubalwa ongqongqoshe nezikhulu zikahulumeni waseMozambique. Yize, uMachel wayesayine isivumelwano sokungabi nobudlova nohulumeni waseNingizimu Afrika, kwakukhona ukuqagela okwasabalele ukuthi umbuso wobandlululo wawuthinteka ekufeni kukamongameli waseMozambique.

Izithombe ngezilokothi ze- timeslive.co.za kanye ne- mozambiquehistory.net

Leave a Comment