Kulamakhasi adlule (lapha nalapha), kuvezwa inkomo ihlatshwa, yethiwa igcine ngokuhlinzwa kwayo. Okwehlukile kuleli khasi kulawa amanye ukuthi lapha ivezwa isihlinziwe futhi isihlahlelwa esibayeni. Emva kokuba inkomo ihlatshiwe yahlinzwa yaqedwa, ihanjiswa exhibeni la ebekwa khona. Okubalulekile ukuthi sikuveze la ukuthi inhloko yona ihlahlelwa ngelanga elilandelayo, okuyilanga lomcimbi nqo! Nokuyilapho ekhishwa khona exhibeni ngogqoko noma isithebe bese iyohlahlelwa ngaphandle ngelanga lomcimbi ekuseni.
Brief Overview
This article is the last one that shows the video of the cow being slaughtered for the ceremony. The first and second articles only showed certain portions of this process, while this part shows the end of the process

Siboniso Langa is a content generator, researcher and practising poet. His work focuses on Zulu oral and material culture, its promotion and preservation. He holds an Honours degree in Community and Development studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).