Ukuphuka Kwezinkomo Zelobolo

Kuyisiko ukuthi uma intombi ilotsholwa iseyintombi nto noma ikhulelwe ikade iyintombi nto kunezinkomo ezikhokhwayo eziqondene nomama kanye nezintombi. Kunenkomo ekhishwa isoka ebizwa ngokuthi isidikli noma umgezo wezintombi. Uma kukhulelwe intombi kuphuma izinkomo ezintathu ukuyovala ihlazo emzini womnumzane. Lenkomo ngeyokuqala okufikwa nayo ikhulekwe ngaphandle kwesango, ihlatshelwe khona kukhishwe inyongo, kuchelwe ngayo umuzi, izintombi ziyogeza ngenyongo yayo … Read more

Ngokwesintu Ukuhlukanisa Kwabantu Abaganene Akuvumelekile

Ngokwesintu bebengahlukanisi abantu uma kade sebeganene noma sebelobolene. Umakoti losuke egane kulowomuzi, akayena owendoda yakhe kodwa kusuke kungowedlozi lakulowomuzi ngoba uma kusaqala zonke izingxoxo zamalobolo idlozi liyabikelwa ngempepho abakubo kamkhwenyana nabakantombazane nabo bayabika empepheni nabo. Sizokhumbula ukuthi umakoti uma engeniswa emzini uthelwa ngenyongo okunguphawu lokumxhumanisa namadlozi omuzi njengomuntu ozogana noma ozovusa umuzi. Ziyabakhona izinto ezingenza … Read more

Umshado nomuntu ongasekho

Lapha sibheka izindlela ezimbili zokushada nomuntu ongasekho. Eyokuqala yilapho eshona sekwenziwe wonke amalungiselelo noma omunye ashade kodwa engaqedanga ukukhipha izinkomo zamalobolo. Kuthi noma esefile kudingeke ukuthi umndeni wakhe noma amadodana akhe amqhubekela nokuyolobola komalume. Ukushada nomuntu ongasekho Ngokwesintu kunabantu noma imindeni ekholelwa ukuthi umshado awumiswa futhi awuhlehliswa, kuthiwa yibhadi ukuwumisa noma ukuhlehlisa. Njengokuthi uma eshona … Read more

Usiko Lomntwana LakwaGasela

Lena yingxoxo kaSibongiseni Gasela ohlala endaweni yaseNanda, wazalelwa futhi wakhulela endaweni yaseMtubatuba, KwaZulu. Ngemuva kokuqeda isikole khona weza eThekwini ukuzofuna umsebenzi. Abantu bakwaGasela baziwa ngoMdunge, Chiliza njalonjalo. USibongiseni usitshele ngosiko lakubo kwaGasela okungenzeka ukuthi luyafana nokwalesinye isibongo. Imindeni inezinto noma amasiko abawalendayo ngokwenqubo yabo njengokuthi ezinye izibongo zifaka iziphandla, zigcabe ebusweni ezinye zibhoboze ezindlebeni njalo … Read more

Usiko Lokugezwa Kwentombazane Eshonelwe

Ngokwesiko lesiZulu kulihlazo ukutholakala komntwana ngaphandle komshado. Uma kwenzekile intombazane yamthola yabe isiba neshwa lokuthi umntwana adlule emhlabeni noma aphuphunyelwe isisu, kumele intombazane igezwe kususwe ithunzi elibi. Uma ingagezwanga kunenkolelo yokuthi iba namabhadi ingalungelwa lutho empilweni, konke ekuzamayo akuphumeleli ngenxa yesinyama esuke ihamba naso. Kugezwa kanjani Intombazane kufanele igezwe kubo kamfana oyikhulelisile kuqala, iphinde igezwe … Read more