Minenhle Ngubane

Kulenyanga yamagugu esizwe, ngithe akengihlube udlub’ekhasini ngilobe ngamanye amagugu esizwe sethu. Ubuciko nobugagu yinto esizalwa nayo, okuyinto abanye bethu abangayifundelanga esikoleni njengezinye zeziqu ezifundelwayo.

Kuleli khasi siloba ngentokazi esencane kodwa esidodile ngemisebenzi yayo kwezobuciko, lentokazi kungabuye kube ubani ngaphandle kuka Minenhle Ngubane. Leliciko elingumsakazi womsakazo obizwa ngokuthi yi Ean Touch Radio Station lizalwa eGreytown nokuyila efunde khona amabanga aphansi njengoba esenza iziqu zobummeli e-University of South Africa.

Ubugagu buka MaMbomvu sike sabubona nakuhlelo olubizwa ngokuth Ugubhu Lwami, okuwuhlelo lwama siko akwaZulu oludlala ku-One KZN kumabonakude, okuyila ebisakaza khona isikhashana. Lentokazi ayigcini ngokuba umsakazi njengoba isike yasakaza emisakazweni yemiphakathi, njengoba kumanje izobonakala esiteshini sika mabonakude esibizwa ngokuthi Ilembe TV station oluzodlala kuDStv.

Eminye imizi ibusisiwe ngokuzala amaciko esizwe, lokhu ngikusho ngoba uMinenhle ungumphathi (manager) kamfowabo okunguMnikezwa Ngubane, njengoba eqale ukusebenza naye ngonyaka wezi-2016 kwicwecwe lakhe elethokozelwa kakhulu abalandeli bomculo wesintu esihloko sithi “Ngizozenzela”. Lentokazi iphinde yasebenza nomfowabo iqhawe eselatshalwa uMjikijelwa “Chalaha” Ngubane kwiqembu Ondabuzekwayo ngaphambi kokuba kulale leli qhawe, kanti ke futhi uMinenhle uyena obemele ezokuxhumana kwalo belu iqembu Ondabuzekwayo ngenkathi beye phesheya kwezilwandle ngowezi-2017.

Ngaphandle kokuba umsakazi, lentokazi inothando lwezinhlelo ezakha isizwe njengoba ibuye ifake isandla ezinhlelweni ezifana nokunqanda ukwanda kwegciwane nesandulula entsheni yasemakhaya kanye nokulwa nophuzo oludakwayo. Kanti ke uthi ubukela umsebenzi omuhle wobusakazi kubasakazi abadumile abafana no Khathide Ngobe kanye noNonhlanhla “Mroza” Buthelezi abasebenza emsakazweni Ukhozi FM. Sithi kuMbomvu akaqhubeke nomsebenzi omuhle!

Brief Overview

This article is a tribute to one of the emerging radio and television presenters from KwaZulu-Natal named Minenhle Ngubane, who is the sister of both Mnikezwa and the late Mjikijelwa Ngubane and works as a manager of the former, who is also a Maskandi musician.

Leave a Reply