Minenhle Ngubane

Kulenyanga yamagugu esizwe, ngithe akengihlube udlub’ekhasini ngilobe ngamanye amagugu esizwe sethu. Ubuciko nobugagu yinto esizalwa nayo, okuyinto abanye bethu abangayifundelanga esikoleni njengezinye zeziqu ezifundelwayo. Kuleli khasi siloba ngentokazi esencane kodwa esidodile ngemisebenzi yayo kwezobuciko, lentokazi kungabuye kube ubani ngaphandle kuka Minenhle Ngubane. Leliciko elingumsakazi womsakazo obizwa ngokuthi yi Ean Touch Radio Station lizalwa eGreytown nokuyila efunde … Read more

Inunu Emnyama

Ukuphuma kwelanga ekuseni kuveza ubuhle bezwe, kukhala izinyoni zitshikoza, ziculela ukubona ubuhle bezwe, kwename namathole etshakadula, kanti ke nathi thina bantu sithokozela ukubungaza impilo ngobumnandi bayo kanye nesilethela khona. Kodwa ke futhi ukusa akugcini ngokuphuma kwelanga, ngoba siyavuka ekuseni izulu lidinwe liveva, libafazi bedube inyama. Injabulo yokuphuma kwelanga iphikiswa izinyembezi ezifika nokuduma kwezulu, kuqhume isililo … Read more