Isihlahla Somgxamu

Isihlahla somgxamu siyisihlahla sendalo yalapha eNingizimu Afrika. Lesihlahla sihluma isithelo ekuthiwa ihluze, sithela ngesikhathi sasentwasahlobo. Umgxamu uthandwa kakhulu amacimbi. Lomuthi ubalulekile ezindaweni zabantu ngoba ubuye usetshenziselwe ukwelapha noma ukuzihlanza emzimbeni njengokuphalaza. Nasemfuyweni lomuthi uyasiza kakhulu ngoba amacimbi ayathokozelwa kakhulu yizinkukhu ngoba nabantu bayakwazi ukuwadla awabulali noma awanawo ubuthi obubulalayo. Ukwelapha Uma umuntu efuna ukusebenzisa isihlahla … Read more

Ugwayi Wamakhala – Isinemfu

Isnemfu (Snuff Plant) Isnemfu ugwayi wamakhala ovamise ukusetshenziswa abantu asebekhulile noma yizangoma. Kodwa esikhathini sanamuhla nabantu abasha sebeyawusebenzisa ngenkolelo yokuthi basuke besetshenziswa ngabantu abangasekho noma amadlozi. Iningi lalaba bathi basuke bemphuphile lowomuntu ongasekho abakhombise logwayi ukuthi bawusebenzise. Kunenkolelo yokuthi uma ungakulandeli lokhu osuke ukutshelile uyagula uze usizwe yikho ukuthi wenze lokho okutsheliwe. Sibe nengxoxo nomuntu wesifazane … Read more

Inhlaba

Inhlaba umuthi obabayo wasehlane lona phela omunye wemithi ekhona kulelizwe esilakhele obaluleke kakhulu. Phela umphilisi lona ongathikameziswa isimo sezulu omila uhlale unyaka wonke. Awufani nezinye izihlahla ngoba uyaphilisa isihlahla sokuphila. InhlabaEmakhaya lesi sitshalo sisiza ezintweni ezahlukahlukene ngenxa yosizo lwaso olubalulekile. Uma izinkukhu zinomkhuhlanyana ziye ziphuziswe lesi sitshalo; emva kokuphuza ziphenduka imiqemane asize umasiza. Uma ulungiselela … Read more

Isiqunga

Isiqunga uhlobo lotshani olusetshenziswa kakhulu abantu abangamaZulu labo abakholelwa emadlozini. Isiqunga siyazimilela emahlathini nasezindaweni ezingamagquma nemihosha. Isiqunga utshani obukhula bubebude, nesidumbu esikhulu buyahaya uma ubuthinta, sinephunga elimnandi uma sesikhiwe. Umsebenzi wesiqunga omkhulu ukugeza. Isiqunga sisusa amathunzi amnyama kanye namabhadi. Isiqunga sisethenziswa ekhaya uma kushoniwe, sikhiwa nezimpande zaso siyagxotshwa bese sihlanganiswa namanzi, lawomanzi yiwo ekugezwa ngawo … Read more