Ukuphuma Indlu Kukamakoti Emzini

UMama uNelisiwe Sibiya ohlala eNanda usichazela ukuthi kuqala kwakwenziwa njani uma umamezala ekhipha umakoti indlu yakhe. Kuyaziwa ukuthi uma ngabe umakoti esephuma indlu kusuke kwandiswa umuzi walesosibongo umuntu asuke eganele kusona. Umakoti omdala yena ngesintu akuvamisile ukuthi akhishwe indlu kuvamise ukuthi kukhishwe umakoti ophakathi kuthi umakoti ogane indodana yokugcina yomuzi naye unelungelo lokuhlala nomamezala kodwa … Read more

Ukubekwa Kwengane Ekhaya Ukuthi Ishise Impepho

Ingxoxo noMnumzane Khetha Shange ohlala endaweni yasOhlange eNanda isicacisele kabanzi ngodaba lokubekwa kwengane ekhaya ukuthi ikwazi ukushisa impepho uma bengekho abantu ekufanele benze lomsebenzi. Nokuthi kwakwenziwelani uma ekhona umuntu okufanele ayishise impepho, ngoba siyazi ukuthi uma kukhona umuntu omdala ekhaya wesilisa uyena okumele ashise impepho ekhaya. Ngokwesintu kuthiwa impepho kufanele ishiswe ngumuntu wesilisa omdala ekhaya. … Read more

Love Letters

Those who have travelled in South Africa and spent some of their time in the Province of KwaZulu Natal, might have seen some of the colourful beadwork made by the Zulu people. The beadwork is sold in many outlets in the region and in major centres throughout the country, where some of these beaded trinkets have been … Read more

Izizathu Zokuxoshwa Kwentombi Ekhaya Uma Ikhulelwe Ingaganile

Ukukhulelwa kwentombi ingakagani kuyichilo elikhulu cishe kuzona zonke izinhlanga emhlabeni. Yingakho abazali bezama ngawo wonke amandla abo ukuthi lokhu kungenzeki ezinganeni zabo. Kodwa zikhona izimo ezidlula lokho kuzivikela kwabazali lenzeke ihlazo ekhaya. UMama uMatshitshi Zulu owazalelwa endaweni yakwaMaphumulo kodwa osezinze endaweni yaseNanda eCongo, usixoxele ngezizathu ezazibangela ukuthi intombi ixoshwe emagcekeni omuzi wakubo uma kutholakala ukuthi … Read more

Izinsiza Zokubasa Nokukhanyisa

Izinto Ezazisetshenziswa ekhaya zokubasa nokukhanyisa Kunohlobo lwesihlahla esasisetshenziswa ukwenza umlilo ngezikhathi zakudala ngoba zazingekho izinto ezifana nomentshisi. Babethatha ukhuni lwaso lesihlahla, basibambe ngezandla zombili, bashayanise kwasa kukhuhla izinkuni nalokhuni kuze kuqale ukufudumala ezandleni naphansi bese kuqhamuka umlilo bese bokhela ngezibi zotshani obomile, bese kuvutha umlilo bokhela umlilo wokupheka. Umlilo wawubasiza ukwenza izinto eziningi njengokukhanyise ezindlini … Read more

Izinkolelo Zabantu Ngombandamu

Izinkolelo yilapho abantu bekholelwa ukuthi uma kwenzeka okuthile kusho ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Kulabo abakholelwayo kuzona kuyenzeka njengoba belindele kodwa futhi uma ungakholelwa akukho olubi olukuvelelayo. Njengokuthi esizweni samaZulu kunencazelo ngayo yonke into eyenzekayo isibonelo izinzipho uma kunebala elimhlophe kunenkolelo yokuthi uma ufunda isikole usubhala izivivinyo zakho uzophumelela uma libonakala. Kodwa lapha asigxilile kakhulu kulokhu uSisi … Read more