Umungcwi Nesidalwa Esibi

UBaba Nyambose ohlala endaweni yaseNanda, owazalelwa endaweni yaseMkhomazi wafika eThekwini ngokusebenza. UBaba usixoxela ngomehluko phakathi komungcwi owenziwa ngabantu noma abathakathi kanye nesidalwa esimbi emndenini uma kwenziwa umsebenzi. Umungcwi owenziwa ngabathakathi ubizwa ngokuthi ikhubalo. Ikhubalo umthakathi uyalenza ngomuthi ukuthi limsebenzele ukuthi lihluphe omakhelwane angazwani nabo. Ikhubalo liwumoya omubi ufika ebusuku nasenganeni esancane. Uma kukhona ingane ekhaya … Read more

Umkhwekazi Namasi

Kwasukasukela. Kwakukhona unkosikazi owayehlala nendodakazi yakhe nomyeni wayo. Zonke izinsuku babevuka bonke baye kohlakula emasimini bashiye bevube amasi abazowadla sebebuya. Babuvuba izinkamba ezimbili olunye olomkhwenyana olunye olwendodakazi. Umkhwekazi wayengawadli amasi akandodakazi wakhe. Bavuka-ke baya emasimini bathi besashaye indima encane umkhwekazi usayochitha amanzi wanyonyoba waya ekhaya wathi angafika wakhumula isidwaba wagqoka ibheshu lomkhwenyana wathatha nesigqiki sikamkhwenyana … Read more

Ukwazi Isikhathi Ngokubheka Imvelo (Ilanga nezinkanyezi)

Emandulo amawashi engakabikhona abantu babekwazi ukuhlukanisa izikhathi ngokubheka izinkanyezi kanye nelanga. Babeziqaphela izinkanyezi futhi beziqamba namagama ukuhambisana nesikhathi esithile. Njengokuthi: Indonsa – Lenkanyezi ephuma lapho kuqala khona usuku lokhokho ekuthiwa yiphakathi kwamabili. Kusuke sekuzokusa kanjalo futhi nezimo nezigameko zosuku olulandelayo sezizoqala, ngokuphuma kwalenkanyezi sesingasho ukuthi sekulusuku olusha. Ikhwezi – Inkanyezi ephuma entathakusa sekukhala amaqhude. Kulapho … Read more

Ukuzila komuntu wesifazane uma esesikhathini sobudala

Kuqala uma ukhula uyintombazane wawuhlonipha kakhulu futhi umuntu owayevamise ukuthi abe seduze kwakho kwakuvamise ukuthi kube ngumuntu ongumzali wakho, umama. Noma ngabe ngumuphi umuntu wesifazane esemdala wayevamise ukuthi uma wenze iphutha kube nguye okutshela iziyalo. Aphinde akubonise ngokwempilo nangokuziphatha kanye nokuhlonipha usiko. Uma uyintombazane ekhaya uvamise ukuthi kube khona izinto otshelwa zona ngumuntu omdala egcekeni. … Read more

Ukujojwa Komuntu Owonile Endaweni

Ukujojwa komuntu othakatha ngemfene endaweni Ngibe nengxoxo noNkosikazi Nomusa Maphumulo ohlala endaweni yaseNanda owafika khona ngomsebenzi. Unengane eyodwa kanye nomzukulu oyedwa, wazalelwa endaweni yakaMaphumulo. UNomusa ungixoxele indaba ngokujojwa komuntu uma ebanjwe ethakatha endaweni. Ukujojwa ukudingiswa noma ukuxoshwa komuntu othakathayo endaweni. Kuqala uma umuntu ethakatha wayevamise ukuthi asebenzise imfene kanti namanje basayisebenzisa. Wayeba nemithi yokuthi umuntu … Read more

Uhlanga Lokuthakatha

Umkhulu Makhathini wazalwa ngo 1933 ezalelwa KwaZulu. Ngenxa yokufuna ukusondelana nomsebenzi wase akha endaweni yaseNkanyezini, kwaXimba esebenzela edolobheni laseThekwini. Usixoxela ngendaba yabantu abathakathayo noma labo okuthiwa banohlanga lokuthakatha ukuthi lutholakala kanjani nangendaba eyenzeka ngakubo esakhula. Umuntu owaziwa ngomthakathi kungaba owesifazane noma owesilisa, futhi azikho izimpawu ababonakala ngazo, ngesinye isikhathi umuntu anukwe ngoba abantu bebona ukuba … Read more