Ngokwesintu Ukuhlukanisa Kwabantu Abaganene Akuvumelekile

Ngokwesintu bebengahlukanisi abantu uma kade sebeganene noma sebelobolene. Umakoti losuke egane kulowomuzi, akayena owendoda yakhe kodwa kusuke kungowedlozi lakulowomuzi ngoba uma kusaqala zonke izingxoxo zamalobolo idlozi liyabikelwa ngempepho abakubo kamkhwenyana nabakantombazane nabo bayabika empepheni nabo. Sizokhumbula ukuthi umakoti uma engeniswa emzini uthelwa ngenyongo okunguphawu lokumxhumanisa namadlozi omuzi njengomuntu ozogana noma ozovusa umuzi. Ziyabakhona izinto ezingenza … Read more

Zulu Homestead Design

Contents 1 Background 2 Purpose behind this design / plan 3 Advantages 4 IsiZulu summary Background The Zulu people are a gifted tribe known for their creativity and ingenuity. They used natural resources for sustaining themselves with food, clothing and shelter, etc. One of the olden designs of a Zulu homestead takes a circular shape. … Read more

Usiko Lokufakwa kwengane Esibongweni Sayo

Ngokwesiko lakwaZulu ingane etholelwe ekhaya abazali bayo bengagcagcile kumele ifakwe esibongweni sakubo ngokusemthethweni. Ngosuku lomgcagco kanina noyise, komalume wengane kuhlatshwa imbuzi kuthathwe inyongo yayo ichelwe ngayo, kushiswe impepho emsamo kubikwe emadlozini ukuthi ingane isiyaphuma isiya kubo kwayo. Ingane iphiwa izipho bese kuthathwa uhlangothi lwembuzi kuhanjwe nalo kuyiwe kubo kayise wengane. Abakubo kwengane bayihlangabeza esangweni nabo … Read more

Ukwakhiwa Kwamaqhugwane

Ukwakhiwa kwezindlu zasemandulo ezaziwa ngamaqhugwane noma ngoguqasithandaze (ngenxa yeminyango yazo emifishane) kwekungeyona into eyayithatha isikhathi eside. Abantu babenenkolelo yokuthi uma befihle amakhanda abo kuphelile. Lapha sibheka ukwakheka komuzi womnumzane. Ngalezozikhathi okunye okuphawulekayo ukuthi abantu babakha izindlu ezifanayo, wayengabonakali odla izambane likapondo nalowo ekulala ikati eziko kuyena. Amaqhugwane ayakhiwa ngotshani, izingodo kanye nesikhumba senkomo okwakuvalwa ngaso … Read more

Ukwakheka Kwesigodi, Ukuqanjwa Komuzi Wesibongo Esisodwa

Isigodi indawo eyakhelwa ngabantu besibongo esisodwa isikhathi esiningi. Bese beba nomholi wabo okuvamise ukuthi kube ngumuntu omdala kubona ogcina eseyinkosi yabo. Labantu iningi labo liyazalana ngenxa yesibongo esifanayo kodwa futhi kuyenzeka kubekhona nabafika bezocela indawo yokuhlala endaweni bengebona abozalo lwakulowomuzi. Ezindaweni zasemakhaya abantu bayasikelwa indawo yokuhlala ngumholi womphakathi noma ingane uma isikhulile isisezingeni lokuqala umuzi … Read more