Izindawo zokubeka impahla ekhaya

Umgibe Umgibe yindawo eyakhiwe endlini esetshenziselwa ukugaxa noma ukubeka izingubo zokugqoka ukuze kuqoqeke ekhaya. Umgibe wakhiwa ngokuthi kuthathwe izintingo ezincane ziboshelwe ngocingo noma uzishayelele ngezipikili  ophahleni. Umgibe wakhiwa endlini yokulala. Ngesinye isikhathi umgibe wakhiwa ngocingo, lushayelelwe ukusuka ngasesandleni sokudla kuye kwesokunxele. Umgibe wawusetshenziswa ezikhathini zakudala ngoba ayengekho amakhabethe ezingubo futhi kwakugaxwa izingubo zokugqoka. Kweminye imindeni … Read more

Ekufanele Ukwazi Ngendlela yokuphila

Akukhulunywa nomuntu omdala umbheke emehlweni kukhombisa ukungahloniphi lapho. Lowo omncane uthobisa ikhanda aphendule ngomlomo ukuthi uyezwa.Uma umuntu omdala ekumukelisa into uthatha ngezandla zombili, noma usondeza izandla zombili kuye esinye kubesengathi siba ngaphansi kwesithathayo, babethi lokho kukhombisa inhlonipho nentobeko kumuntu omdala. Akukhulunywa nokudla emlonyeni kuthiwa uyomelwa zindaba. Awumi uqonde emzini wenye indoda kodwa ugobisa amadolo uma … Read more

Izimpawu Ezikhombisa Ukuthi Utshwala Lwesintu Lwenziwa nini Ekhaya

Ingxoxo noMama Juliya Cele. obesichazela ngezindlela abantu ababebona ngazo uma sekudingeka kwenziwe utshwala lwesintu ekhaya. Sizoqlala sibheke ukubaluleka kotshwala besintu, ngezikhathi zasemandulo utshwala lwesintu lwaluhlale lukhona emzini wendoda ngoba lwaluthandwa kakhulu abanumzane emizini yabo nokuthi uma kunesihambi kwakubalulekile ukuthi sifike sithole okuphuzwayo ekhaya. Obabamkhulu kwakuba into ababeyiphuza kakhulu noma bezihlalele ndawonye bezixoxela izindaba zabo. Kanti … Read more