Kunemikhuba elandelwa noma eyenziwa ngabantu ngenxa yezinkolelo zabo ezintweni ezithile. Lemikhuba isikhathi esiningi abantu bayiphambanisa noma bayibiza ngokuthi amasiko abo. Lapha sikhuluma noma sibheka umkhuba wokuqanjwa kwegama nokugqokiswa kwengane eseyadlula emhlabeni. Lomkhuba ujwayeleke ukuthi wenzelwe ingane eshone ingakazalwa noma kuphuphume isisu.
Lokhu kwenziwa ngabantu abasuke benezinkinga base befuna usizo lwabantu ababonayo balulekwa ngokuthi kufanele benze lomkhuba. Esikhathini sakudala abantu babesebenzisa kakhulu abelaphi bendabuko njengezinyanga noma izangoma uma benezinkinga, njengokuthi umuntu uma ephuphunyelwe yisisu wayenikezwa imithi yokuphuza ukuze kuphume ukungcola ngaphakathi. Bese beyagqugquzelwa ukuthi bayenzele okuthile ukuyikhumbula njengomndeni ngoba uma lokhu bengakwenzanga umndeni wehlelwa yizinto ezimbi.
Sixoxisane noDalisu Shange, 33, ohlala endaweni yaseCongo eNanda. UMnumzane Shange usibalisele ngengane yakhe eyodwa eyashona ukuthi yaqanjwa kanjani igama. Uthi yena watshelwa ngabantu benkonzo yamaZiyoni ukuthi kufanele enze lomsebenzi wengane. Isigaba sokuqala ukugezwa komama wengane. Kufanele agezwe kubokangane kanye nasekhaya kubo lapho ezalwa khona. Kufanele athengelwe izingubo zokugqoka ezintsha azozigqoka ngelanga lomsebenzi. Kufanele agezele emfuleni ohambayo ekuseni kakhulu noma ebusuku kungasabonakali abantu. Uphelezelwe ngabantu bomndeni abasala bashise abekugqokile ngemuva kokushona kwengane. Lomsebenzi uba yimfihlo yomndeni, ngemuva kokugeza ngalelolanga ntambama kuzokwenziwa umsebenzi wokuqamba ingane lapho kuzohlatshwa izinkukhu kuthengwe izingubo zengane kukhanyiswe namakhandlela. Lokhu kwenziwa yilowomuntu osuke enitshelile ukuthi kukhona okukhalelekayo ekhaya. Abazali bayatshelwa ukuthi kufanele baqambe ingane yabo engasekho igama bese ibikwa emadlozini akulowomuzi. Ziyagcinwa izingubo lezo noma ziphiwe umuntu onengane encane. Kubalulekile ukuthi ukudla lokho obekulungisiwe kudliwe ngakusasa yizingane.
By: Nqobile Mdabe