Izinkondlo neZibongo zika J.L. Dube

Uma izenzo zakho zingezobuqhawe ngokwesiZulu, uphiwa Izibongo ezitusa amagalelo akho, kokunye kuze kulotshwe izinkondlo ngawe. Kuleli khasi siveza ezinye zezinkondlo ezibhalwa zitusa ubuqhawe buka Langalibalele Dube ongumsunguli wephephandaba iLanga. Lezinkondlo kanye nezibongo zabhalwa ababhali abahlukene, zizohlukaniswa ngababhali bazo.

Ebhalwe uNomleti: 24 April 1903

 

INKOSI EYAY’TAND’ABANTU

“Inkosi isiwele e Joridane”

Kwash’u Hanna unina ngeliny’ ilanga:

“Useba sindisa bonk’abaza kuye,

Ngokuba thinta ngomunwe, ‘kosho bona.

 

Ngiza Kus’ abantwan’ abancane manje,

U Rachel; no Samuel kanye noJohani,

Ngiza ku belet’ omncane kubona nje,

“U Easter, nce Inkos’ ibabone bonke.’

 

Ngako wakwel’ izintaba zakwa Juda,

Wadlul’ amasim’ amakul’ evine.

Etwel’ u Ester, omncane, yonke indhlela,

Kwat’ u Rachel wahamba nabane wabo.

 

Nazi izibongo zika Dube, zilotshwe ngu J.M Tshazie

 

Wena tole le Dube, eleqa amagqangu

Lantanta laponseka pesheya kolwandle,

Kau tuswa ngani: kanti uwele nje nje

Uyofuna inhlanyelo, inhlwayelo ye kamva

Wayi nhlanyela yacuma, kau tuswa ngan?

 

Wena wena mlilo olwe waqeda izwe,

E Natal nakwa Zulu: eSwazini nakwa Gasa;

E Ntalisifali naso Sutu, kau tuswa ngani?

EFulesitata nasemaNoseni; kanya Langa ezigojagonjaneni;

Usakaze inhlwayelo yako, kau tuswa ngani?

 

Nako esikufunayo kuwe, akako obuzayo kuti hau

Wayokwenzani lena na; wonke u Zulu usetselwe,

Imisebenzi etokozisayo, kau tuswa ngani?

Ikwanele ukuhamba kwako umuntu ubongwa esahamba,

Zitulele utuledu wenze lona lelo, kau tuswa ngani?

 

Tatani izisekelo madoda, nili sekele lelo tye bo,

Lifanele ukuma njalo lingawa linga niketula bo!

Tole lokuqala lokuvela, yima isibindi ungajabhi,

Lapuma ilanga lahlaba, kwasa kuzo zonke izindawo,

Amanzi obmnyama anyamalala, tula wena zitulele

Tokozani madoda, sukumani ma Zulu!

 

Brief overview
This paper reveals some of the poems that were written to pay tribute to John Langalibalele Dube after he established the Ilanga laseNatal newspaper. The poems are from different authors praising, acknowledging and paying tribute to his contribution to the making of the first Zulu newspaper.

1 thought on “Izinkondlo neZibongo zika J.L. Dube”

Leave a Comment