Inanda ingelinye lamalokishi eTheku amadala futhi inomlando onzulu. Leli lokishi linezindawo eqhukethe umlando obalulekile, uMasipala weTheku uthathe ithuba lokuqhakambisa noma lokutshengisa ngamagugu alendawo. UMasipala weTheku ubusingethe Inanda Heritage Route Tour ngempelasonto.
Izivakashi ebeziyingxenye yalolu hambo zihlangane eNorth Beach Tourism Office ngaphambi kokuba zilibhekise eNanda ngebhasi. Uhambo ludlele endawenI ebalulekile yamagugu KwaMuhle Museum kanye naseMahatma Gandhi Settlement. KwaMuhle Musuem iphakathi kwesakhiwo esasisetshenziswa ukushaya udompasi ngesikhathithi sahulumeni wobandlululo. Lendawo eyasintshwa yaba indawo yokubungaza labo abalwa nobadlululo ababecindazelwe baqhakambiswa esikhathini samanje.



Inqalabutho uJohn Langalibalele Dube ongasekho wazalwa eNanda ngomhlaka 11 Februwari 1871, owashona ngo-1946 wababmba iqhaza elukhulu kuleli lengabadi. UDube waba ngumongameli wokuqala weqembu elibusayo i- ANC. Wayeyindoda ekhaliphile nemobono yakhe yayigxile ekukhululweni kwabantu base-Afrika, wasungula iphephandaba Ilanga leTheku, enguthisha, umbhali, umfundisi futhi eyimbongi. uDube waphinda wasungula Ohlange Institute isikhungo sokuqala esaphathwa umuntu omnyama. Usuku lukaFebruwari 11 lubalulkile emlandweni waseNanda njengoba ukhomba usuku lokuzalwa nokushona kukaDube. Lolusuku luphinde lubaluleke Ohlange ngoba ilapho owayenguMongameli uNelson Mandela avota khona okokuqala ngo-1994 eJL Dube hall. Ohlange Institute iphinde ibe nethuna likaDube eliseceleni kwethuna lankosikazi wakhe wesibili u-Angelina.
Enye yezindawo zokuvakashelwa Inanda Seminary School okuyisikole esindala samantombazane esasungulwa ngo-1869. Inanda Seminary iboarding school esisaseqophelweni eliphezulu namhlanje njengoba sisathola u-100% ukuphasa kubafundi. Umlando webandla lakwaShembe, Ebuhleni naseKuphakameni kuzinze eNanda. Ngaphansi kwe Durban Tourism, uMasipala uveza ukubaluleka ukuthi abantu bafunde ngomlando ngaphandle nje kwezepolikiti kepha nangokukhululwa kwendlu emnyama.
Article Overview
The Inanda Heritage Route Tour highlights the importance historic site in the Inanda township. One significant figure from Inanda is John Langalibalele Dube, who became the founding president of the ANC. As a reverend, an educator, philosopher and also a publisher, his ideas focussed on the emancipation of African people. Places like the Ohlange Institute and Inanda Seminary School are among the sites to visit when in Inanda.

Zama Khoza is a Zulu content generator and media and communications researcher. She holds an Honours degree in Cultural and Media Studies from the University of KwaZulu-Natal (UKZN).