Uhambo Olungcwele lwaseSandlwana

Iqulu labantu ebeliholwa inqalabutho yomculi aphinde abe ngumbhali womculo uMbuso Khoza lihlanganyele ndawonye ukuyobungaza amaqhawe alwa empini entabeni Isandlwana. Lolu hambo lwezinsuku engiwu-3, olulinganiselwa ku-100km lusuke oLundi ngoLwesihlanu zingu-11 Januwari 2022, luyisikhumbuzo samaqhawe  alwa empini yaseSandlwana namasosha aseBritish ngo-1879.

Abelaphi bendabuko, abaculi, abalingisi namalungu omphakathi  adela konke azibophezela ekubeni ingxenye yoHambo Olungcwele (The Sandlwana Walk) besuka e-KZN Cultural Museum babhekise amabombo entabeni iSandlwana.

Umculi uMbuso Khoza kwesobunxele nomlingisi uSibonile Ngubane behola izinsizwa
Isithombe: news24.com

Lolu hambo lusungulwe umculi uMbuso Khoza ngaphansi kwenhlangano yakhe iMbuso Khoza Institute of Culture and Heritage. UKhoza uhlele lolu hambo ebambisena noMaspala wasifunda saseZululand kanye banalingisi esingabala kubo uSibonile Ngubane noPortia Mcwane. Inhloso yalolu hambo ukukhumbula nokuhlonipha izinqalabutho zobukhosi bakwaZulu. Lokhu kuyindlela yokuvuselela umoya wobuntu kanye nokuziphatha ezwenikazi ngokusho kukaKhoza. Uphinde wathi bazofundisa abantu ngokubaluleka kokuxhumana ngokwesiko lemvelaphi, kutholakale ukuthi yini le elahlekelwe yisizwe yonke leminyaka.

Kubalulekile ukwazi umlando nemvelaphi yomuzi onsundu ikakhulukazi intsha. Umqondo walolu hambo ngokusho kokaMkhathini kwagqugquzelwa iqhaza elibalulekile elabanjwa ukhokho wakhe owayephethe empini uNtshingwayo KaMahole Khoza. UNtshingwayo wayengumphathi wamabutho enkosi uCentswayo. Ukhoza uvezeukuzimisela ekutheni loluhamba luqhubeke njalo ngonyaka.

Article Overview

A large group of musicians, actors, traditional healers and the members of the public embarked on the pilgrimage from Ulundi to the Isandlwana to commemorate the 1879 Battle of Isandlwana. The three-day Isandlwana Walk was led by the singer, article and historian, Mbuso Khoza. The walk was organized by the Mbuso Khoza Institute for Culture and Heritage which partnered with the District Municipality of Zululand. The purpose of the Isandlwana Walk is to honour and remember warriors of the Zulu Kingdom who fought and defeated the British soldiers during the Anglo-Zulu War.

Leave a Comment