Sike sathi qaphu ngendaba yomkhosi woSelwa kulengosi yolwazi, ngithi ke angikubalule ukuthi akusibo bonke abantu abaya esigodlweni ukuyobungaza lomkhosi, kepha lomkhosi uyagujelwa emakhaya kulaba abangayanga esigodlweni. Abakude kanye nezingane abayi esigodlweni, kepha bashwamela ekhaya. Emva sekuzwakele ukuthi inkosi isinyathelile uselwa, kuba ithuba leziphakanyiswa zezinhlanga ngezinhlanga zenkosi njengoMntungwa, oDlaba, kanye noShenge kanye nabanye okuba babize abangaphansi kwabo bezokweshwama.
Emva kwelanga lomqholiso abesifazane bathi bangabuya koMkhulu bese beyongena ezifeni bafule ifutho bafule nokudla okusha. Emva kwalokho lokumaya kuhlanganiswa nesichonco semithi ebabayo njengentshungu, omkhokha kanye neminye njalonjalo. Lesi sichonco sibizwa ngokuthi uDolo-qina. Okuba ukuthi okulandela lapho ilowo nalowo uzothatha iselwa noma ummbila ophekiwe agcobhoze kulesi sichonco esibabayo bese eshaya edolweni maqede athi “dolo-qina, qina dolo’ ngaphambi kokuba amaye noma adle lowombila. Ngokuzwa njalo basuke sebeshwamile njalo, lokho kudla ngeke kusaba namkhokha ukudla kwabo ikwindla.
Brief Overview
This article brings conclusion to the former incomplete article on uselwa, an ancient traditional ceremony that used be celebrated before the influence of colonisation.