Umlando Nezithakazelo ZakwaMngwengwe

Mngwengwe kaZitha kaNyamande Nyama kayishi, isha ngomphephezelo. Abehla ngomsungulu wasala wabola Umlando wabo: Abantu bakwaNgwengwe bavela enkabazwe lapho bephuma khona.Behla njalo ngasogini oluseMpumalanga baze bafika lapho kuseMozambique base besabalala abanye badlulela eSwazini baqhubeka abanye laba esesibathola kwaZulu. Inkosi yaso lesi sizwe yayikade inamadodana amabili angamawele. Kwenzekile ke elidala laqonywa yintombi. Lamawele abefana ngalendlela yokuthi bekunzima … Read more

Umlando Nezithakazelo ZakwaMkhwanazi

Izithakazelo: Mkhwanazi Mashukumbela! Shamase! Veyane! Ndonga! Nkwaliyenkosi! Nina bakaNkanankana UNondela mzimba awunik; abafokazana Bunz’ elikhulu elagedl’ imihanga Layigedla eMabuzabuzane Nina bakaSkhalukhalweni lwabathakathi Abakude bobuya khona Nina bakaShiy’ osefile Nobunhloko! Umlando: Abantu bakwaKhwanazi babebizwa ngokuthi oMpukunyoni futhi lokho kwakuyiseMtubatuba. Bonke labantu abendlu eyodwa yakwaMkhwanazi esitholakala KwaDlangezwa ngasOngoye. Bafike kuleli likaMthaniya besuka eSwazini. Ngaphambi kokuba bafike eSazini, … Read more

Umlando Nezithakazelo ZakwaMakhanya

Izithakazelo Gumede! Wena kaMalandela kaLuzumane, Phakathwayo kaKhondlo kaMncinci! Osidlabehlezi kaPhakathwayo, Abathi bedl’ umuntu bemyenga ngendaba, Bethi dluya kubeyethwe umakoti ubeyethe kabukhuni, Wena owabuza untaba ngabomu wathi ntabani leya, Sisho wena waseMthandeni ezweni loju nezinyosi, Mnguni kaYeyeye, Wena kaNjakaba kaSophana. Nanku umlando wabo Umlando wakwaMakhanya unemvelaphi esuka oKhuzwayo kanti mude umlando wabo. Ngesikhathi abantu bakwaQwabe bephuma … Read more

Umlando Nezithakazelo ZakwaButhelezi

Shenge! Ngwane, Mthal’ uSokwalisa, Mthal’ usind’ amadoda Wena kaMevana aseMcakwini Wena ongangenqe laseMbizankulu Nhlavu kazimshayi Zishay’ abasemuva. Nina bakaJokojo aMgabhi, Sizukulwane sikaBhahwana Sizukulwane sikaSibunywana sakoCothamandla Mvulana, Mnyamana kaNgqengelele, Mbangambi, Phungashe, Sondiya, Mnandinamanondi, Wena owadliwa zindlovukazi, zimudla zimlabalabela, Inyath’ ematheza, eyatheza lapho Kungathezi khona muntu, Enaganisa izintombi nanganye nangambili, Mlambo kaNyathi, Shenge kaNdaba Balamana kanjena ke … Read more

Izithakazelo zakwaMsane nomlando wabo

Izithakazelo: Msane! Majoka! Mthantathwa! Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka, Mgobhozi owehl’ entabeni, Vangise! Nonjonjo! Madl’ uvalo lwengonyam’ abanye bedl’ olwenkomo, Lombo kaLokothayo ongalokothwa, Delela, Mvune owavuna kuqala abanye bengakavuni, Joka lensimbi elingaphuki abanye bebophela ngawokhuni, Mtimande, Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi! Umlando Abantu bakwaMsane batholakala ezindaweni eziningi kuleli lakithi eMzansi. Isizwe sakwaMsane sinomlando ojulile kaZulu kusuka … Read more

Izithakazelo Nomlando wabantu BakwaMagubane

Nomose! Thole! Ndlandla kaKubheka! Jiyane! Malinga! Wen’ owalinga izintaba zaganana, Nhlun’ emhlophe, ingababomvu ngeyomlandakazi, Mzilankatha! Msenganduna namathokazi, Nongalo Wen’ ophika nelanga, Didiza, Msuthu wasenhla Zibaya! Wena wakwaMphahl’ emhlophe, ingabamnyama yeza nomlandakazi Wena wakwaNkom’inkone Zinja zafulathelan’ entabeni yakwaMagubane Wena wakwaThole Kungesil’ ithole lenkomo Kodwa kuyithole lomuntu. Umlando wabo Abantu kudala babesebenzisa amagama oyise babo ukuzibiza, ngalokho … Read more