Izithakazelo:
Mkhwanazi
Mashukumbela!
Shamase!
Veyane!
Ndonga!
Nkwaliyenkosi!
Nina bakaNkanankana
UNondela mzimba awunik; abafokazana
Bunz’ elikhulu elagedl’ imihanga
Layigedla eMabuzabuzane
Nina bakaSkhalukhalweni lwabathakathi
Abakude bobuya khona
Nina bakaShiy’ osefile
Nobunhloko!
Umlando:
Abantu bakwaKhwanazi babebizwa ngokuthi oMpukunyoni futhi lokho kwakuyiseMtubatuba. Bonke labantu abendlu eyodwa yakwaMkhwanazi esitholakala KwaDlangezwa ngasOngoye.
Bafike kuleli likaMthaniya besuka eSwazini. Ngaphambi kokuba bafike eSazini, kwakungabantu ababesuka enhla neKenya, behla njalo baze bazofika eButhonga ngakoMozambique lapho ke bedlula balibhekisa kwelaseSwazini.
Kuthe ngemuva kokuba iNkosi Somhlolo isithole ukuthi kunezwe elingasenhla nentshonalanga, yathutha nnabantu bayo besuka eMozambuque wafike wazinza khona eSwazini walwa nezinye izizwe wazehlula wayesezitholela izwe kanjalo.
IsiSwati sithi “masifane nesiLala, isiMbo nesiThonga,” ngoba phela kukhomba ukuthi babehamba ndawonye kodwa kube yikho ukuthi babehlakazeka ngezizathu ezithile kodwa kusengabantu ababodwa.
Nabo ke bantu bakwaMkhwanazi oMpukunyoni basuka eSwazini bebalekela abakwaMngomezulu ababelwa nabo, behlulwa abakwaMkhwanazi. Ngaleso sikhathi abakwaMngomezulu babeholwa yinkosi uMafu kaMdluli. Bafike KwaZulu sebeholwa ngamadodana kaMzizi amabili. Bazinze maphakathi neHluhluwe neNyalazi, okulapho benqume ukuba behlukane kabili ukuze uma behlaselwa, abanye basined. Enye alawo madodana kaMzizi, uMnyenyeza, yasuka lapho ngoba bafike eHluhluwe bazibiza ngoMnqobokazi, kodwa lokho okungasho ukuthi akuseyibona abakwaMkhwanazi.
Umnyenyeza walibhekisa nabantu bakubo ngasemfuleni uMkhuze bayozinza ngaphesheya kwakaNibela. Olunye uhlangothi olwaluhamba noCungele kaMdolomba, lushiyile eNyalazi lwayongena ngaphansi kwendawo yabakwaMthethwa eyabe ibuswa yinkosi Khayelihle kaMadango.
Inkosi Khayelihle yabakhoselisa bahlala kahle, banda. Lapho base bezibiza ngabakwaMkhwanazi ngokugcwele.
Indodana kaCungele, uVelana yaba yisilomo esikhulu ngoba yayikazi ukuphala izikhumba ngembazo, lokhu abanye ababengakwazi, bakubona njengesimanga.
Kuthi kube yiNkosi Mnyenyeza kaMzizi. Yona akwaziwanga ukuthi kwenzekani ngesikhathi ingena emanzini oMkhuze njengenjwayezi. Bathi yangena njengomuntu obhukudayo kodwa kayiphindanga yabonakala kuze kube inamhlanje. Emuva kwaleso sigameko kwabe sekuthatha indodana yayo, uWokoza, ekuholeni abantu bakwaMnqobokazi oMkhwanazi.
Ubuphathe kahle uWokoza ubukhosi, emuva kokukhothama kwakhe, bathathwa yindodana yakhe eNkomo. Endlini kaCungele kuthe sekuthathe iNkosi uDingiswayo kwaMthethwa, yaqoka uVelana ukuba yinduna yasesigodlweni sayo oYengweni. UVelani wazinikela kakhulu esizweni sakwaMheha futhi ethembekile waze wakhothamela khona kwaMthethwa kulwiwa nabakwaNdwande.
English Summary
These are the clan praises and history of Mkhwanazi people.
By: Mbusiswa Zuma
Reference: Ilanga Newspaper
amaizing isimanga leso
Syabonga onkwali noma beyinhlakanhlaka nj kuningi esingakwazi ngomlando wethu mina ngikamapumulo sasifike njan Konka
Siyabonga kodwa kakhulu, ndlundini yakwankwali
Impela uma uhlaziya ujulile umlando wethu engithemba nokuthi isizukulwane esizayo sizowukhathalalela lomlando futhi siziqhenye ngemvelaphi enone kahle kanje.
I’m happy to hear this and this is a good news for me to know my family history. I’m from Eastern Cape, Mthatha.
#Niphile njeh no Ndonga ngiphinde ngbong Ngo mlando wethu