Umlando Nezithakazelo ZakwaMakhanya

Izithakazelo
Gumede!
Wena kaMalandela kaLuzumane,
Phakathwayo kaKhondlo kaMncinci!
Osidlabehlezi kaPhakathwayo,
Abathi bedl’ umuntu bemyenga ngendaba,
Bethi dluya kubeyethwe umakoti ubeyethe kabukhuni,
Wena owabuza untaba ngabomu wathi ntabani leya,
Sisho wena waseMthandeni ezweni loju nezinyosi,
Mnguni kaYeyeye,
Wena kaNjakaba kaSophana.

Nanku umlando wabo
Umlando wakwaMakhanya unemvelaphi esuka oKhuzwayo kanti mude umlando wabo. Ngesikhathi abantu bakwaQwabe bephuma eMthandeni Ongoye beyokwakha laphaya phesheya komfula iNonoti, banda baba yisizwe esikhulu. Belapho abakhohlwanga ukuthi baphuma kwaQwabe. Kwakuye kuthi uma kunemicimbi emikhulu kwaQwabe, abakwaKhuzwayo beyohlanganyela ndawonye nabo. Ngelinye ilanga kunomcimbi komkhulu eMthandeni, bahlela ukuya khona kanye nabafowabo ababakhe ngaphesheya komfula ukuthi bazovuka bahambe. Kuzosa kuhanjwe ngakusasa, kwavele kwana imvula enkulu eyadala ukuthi umfula ugcwale. Ekuseni labo ababengaphesheya komfula bebona abafowabo bengaqhamuki, basuka bayobheka ukuthi babanjwe yini. Bababona abafowabo bemile ngaphesheya komfula bexakwe wukugcwala komfula. Babemile, sebeze bakha umkhanya, bekhungathekile bengazi ukuthi bazowela kanjani. Laba ababenganeno babamemeza bengaphesheya komfula bathi “Salani kanjalo noMkhanya wenu lowo”.

Umholi wabo wasuka lapho wabe esebizwa ngoMakhanya. Laba bantu bakwaMakhanya bahlaselwa iSilo uDingane babaleka bagcwala izwe lonke behlukana kabili. Abanye babo babaleka bayowela umfula uThukela, kwathi abanye basala eMpaphala ngaseNtumeni, bakhelene nabantu bakwaMthimkhulu. Abasala eMpaphala bazibiza ngokuthi bangabasemaMbedwini kwathi abawela uThukela bona babizwa ngokuthi ngabakwaNqetho. Kodwa laba bakwaNqetho babaleka baze bayofika kwelase MaMpondweni lapho uNqetho afela khona.

AbakwaNqetho balandwa nguPhindela wakwaNduli wayobakhisa eManzimtoti ngoba uPhindela lona wabe eganwe nguMaGumede. Kwathi lapho uPhindela esegula wakhomba umlamu wakhe , okwabe kunguMakhutha, ukuba ambambele izingane zakhe ngoba enethemba lokuthi ngeke azibangise uma sezikhulile. Ekukhothameni kukaMakhutha owayebambele uDiki kaPhuindela wakwaNduli kwabekwa indodana yakhe esihlalweni okwabe kunguMntambo.

Wathi uyasifuna uDiki isihlalo sakhe kubantu bakwaMakhanya bamsthela ukuthi uPhindela wabapha sona base bebuthola kanjalo ubukhosi abakwaMakhanya.

Namanje yibona abantu bakwaMakhanya ababusa leya ndawo yaseManzimtoti naseMbumbulu nobukhosi bakhona. Emaqhaweni akhona eMaMbedwini singabala uBhungane kaGendeyana owayibamba ngesikhathi iSilo saseMgungundlovu uDingane ebulala amaBhunu eMgungundlovu. Babethi uma bemhasha bathi: “Umkhangu owkhangula uPiet nendodana yakhe”.

Balamana kanjena ke kweyakaMakhanya:
UNqetho wazala uLufutha, yena wazala uMakhanya, owazala uMnengwa, yena wazala uDuze ozala uMakhutha, uMakhutha yena wazala uMntambo owazala uDubulesakhe ozala uLugaju, uLugaju yena wazala inkosi uBhekizitha nenkosi uAndreas Bhekokwakhe. Inkosi uBhekizitha yazala inkosi uKhethokwakhe obusayo.

Indlu yakwaNqetho:
UNqetho wazala uLufutha, yena wazala uMdingi owazala uKhanyile, uKhanyile yena wazala uVumazonke owazala uMpunzi.

English Summary
These are the clan praises and history of Makhanya people.

By: Mbusiswa Zuma

Leave a Comment