Imidlalo Yakudala Yezingane
Imidlalo izingane zabafana kanye namantombazane ezazizijabulisa ngayo besakhula uma sebeqede ukwenza imisebenzi yasekhaya noma abafana belusa izimbuzi uma sebezikhaphele emadlelweni. Ezikhathini zakudala bebengenawo amathoyizi. Bebephuma emakhaya boze babuye ntambama sebeyovalela noma bexoshwa yimvula noma indlala. Bekuthi labo asebekhulakhulile babaqhathe, bebacija ukulwa ngenduku, bekuwumdlalo kubo kodwa bekuliwa ngoba bebeze baphume igazi kodwa babuye bagezane ingozi. Bebebuye … Read more