Ukuphuma Indlu Kukamakoti Emzini

UMama uNelisiwe Sibiya ohlala eNanda usichazela ukuthi kuqala kwakwenziwa njani uma umamezala ekhipha umakoti indlu yakhe. Kuyaziwa ukuthi uma ngabe umakoti esephuma indlu kusuke kwandiswa umuzi walesosibongo umuntu asuke eganele kusona. Umakoti omdala yena ngesintu akuvamisile ukuthi akhishwe indlu kuvamise ukuthi kukhishwe umakoti ophakathi kuthi umakoti ogane indodana yokugcina yomuzi naye unelungelo lokuhlala nomamezala kodwa … Read more

Ukukhungwa Kwabantu Ngezigaba Ezahlukene

Ukukhungwa kuhlukahlukene ngezigaba kodwa kusuke kusasho into eyodwa kanti kusalisiko okuthi uma lingagcinwanga likhaleleke. Nabantu abakhungwayo nabo bahlukahlukene ngezigaba zabo. Kweminye imindeni lelisiko alikhaleleki kanti futhi alisetshenziswa, abanye balithatha njengomkhuba nje omuhle. Abantu abakhungwayo Ingane yokuqala kumbe inkosana noma inkosazane yakulowomuzi kuye kudingeke ukuthi iye komalume wayo iye kokhungwa ukuze ekukhuleni kwayo ingabi nezinkinga ezingase … Read more

Ukukhumelana Umlotha

Ukukhumelana umlotha kuyindlela yokwenza uxolo phakathi kwabantu bomndeni uma bekade bexabene ngoba kuyenzeka ukuxabana kwabo kuthinte ithongo. Uma bengaxolelananga ngendlela yokuthelelana amanzi, ingxabano yabo ayipheli ihlala njalo ivuka. Ukulimazana kwezingane zidlala akunamthelela omubi ethongweni. Uma zilimazene kubulawa inkukhu kukhishwe inyongo, inxeba lithelwe ngenyongo ukuze lisheshe liphole. Leyonkukhu ayikhulunyelwa emsamo iyaphekwa idliwe uwona wonke umuntu. Uma … Read more

Ukukanywa kwemingcele phakathi komakhelwane behlala esigodini esisodwa

Iningi labantu uma ungalibuza ngokuthi yini umngcele futhi wakheka kanjani iningi labo lingakutshela ukuthi yilapho kusuke kuhlukana khona izindawo ezimbili ezakhelene. Futhi wenzelwa nokuthi kubelula nokuhlukaniseka kwabantu abakhele indawo eyodwa. Impela lokhu okungenhla kuyiqiniso elingephikiswe kodwa abantu abanye abangakwazi ukuthi ezikhathini zakudala umngcele wawenziwa phakathi komakhelwane bakhelene ngenxa yezingxabano ezivelayo ekuphileni. Namuhla sizogxila kakhulu kulokho … Read more

Ukuhlonipha kwesoka noma komkhwenyana ekhweni

Isizwe samaZulu siyakwazisa ukuhlonipha kakhulu. Izindlela zokuhlonipha zigqugquzelwa ngezindlela ezahlukene ukukhombisa ukubaluleka kwesiko lesiZulu. Izindlela zokuhlonipha ziningi, lapha sizobheka indlela insizwa noma isoka elihlonipha ngayo ekhweni lapho iqonywe khona. Kubalulekile ukuthi intombi uma seyazi ukuthi kukhona lapho esithanda khona yazise udadewabo noma iqhikiza ngokuthi isiqomile. Lokhu kuyasiza nangokuthi izintombi phela zingathathelani amasoka.   Ngokwesintu lesintu isoka … Read more

Ukufohla Kukamakoti Emzini

Umakoti usuka kubo ezintathakusa ehamba namantombazane angakubo, basuke beya lapho intombi izoshadela khona sekulotsholiwe kwenziwa konke. Kusuke kuyilanga lokuthi ihlatshelwe inkomo lapho ishadela khona. Basuke sebazi kubo kamkhwenyane ukuthi umakoti uyeza kodwa bengasazi isikhathi azofika ngaso. Umakoti nomthimba bavuka ekuseni kakhulu ngoba basuke befuna ukuthi kube yibo abazobavusa. Kuzwakala ngengoma isisho egcekeni kuyikhona bevuka-ke kamkhwenyane. … Read more