Isiko Elenzelwa Ingane Enobulili Obuhlukile Kwezinye Ekhaya

Sibe nengxoxo noMnumzane Bongani Dube owazalwa ngonyaka ka 1963 kuNovemba ngosuku lweshumi nanye, wazalelwa endaweni yaseNdwedwe esigodini sakwaHlophe eduze nomuzi wakwaShembe eHhomisi. Ubaba uDube uxoce ngokugcinwa kwesiko lwengane enobulili obuhlukile kunezinye ekhaya njengokuthi uma intombazane izalwe yodwa phakathi kwezingane zabafana noma eyomfana ezalwe yodwa emantombazaneni.  Kunenkolelo yokuthi ingane yentombazane uma iyodwa ezinganeni zabafana kuvamise ukuthi … Read more

Isibhamba

Kumuntu wesifazane kwakuyinto enhle nebukekayo ukuthi ahlale enomzimba omuhle nobukekayo noma ngabe ukwesiphi isigaba sempilo, isibonelo; kungaba umakoti osenomndeni emzini, intombi noma umuntu wesifazane osikhulile. Phela umzimba ngezikhathi zakudala wawuhlala ubonwa yiwo wonke umuntu ngendlela okwakugqokwa ngayo kwemvunulo. Kodwa kukhona izimo ezaziye ziphoqe ukuthi umzimba lona oligugu ushintshe indlela oyiyona. Umzimba ongemuhle wawuthunaza ubuhle nokuzethemba … Read more

Insika

Insika ilibamba lendlu ukuthi ingawi, igxunyekwa phakathi nendlu ikakhulukazi endlini karawondi. Indlu karawondi yindlu yesintu ekuthiwa yilapho kuhlala amahdozi akulowomuzi noma ngabe kushiswa impepho kuvamise ukuthi kushiselwe khona. Lapha sigxile kakhulu ngokubaluleka kwayo insika. Insika isiza ukuthi kuhlukaniswe izindawo zokuhlala nezokulala ngobulili. Kuthiwa insika yenza umuntu wesilisa nowesifazane bayazi indlela ekufanele bahlale ngayo noma baziphathe … Read more

Indwangu Emhlophe Embathwa Yingane Uma Izalwa

Indwangu emhloshana embathwa yingane uma izalwa eyaziwa ngokuthi yiveyili ibalulekile kakhulu kubantu abazalwa beyembethe. Isho inhlanhla enkulu futhi kubalulekile ukuthi umndeni uyibeke kahle ngoba uma iwela ezandleni ezingalungile abantu bangayisebenzisela izinto zabo ezingalunganga. Kuthiwa okokuqala ukuthi uma isizaliwe kuhleshulwa ucezu oluncane lushiswe nempepho ukubika ingane ekhaya. Kubalulekile ukuthi kube abazali bayo ingane uma beshadile abayibikayo … Read more