Ukuhlawulela Umntwana

Kuyihlazo elikhulu ngokwesintu ukukhulelwa kwentombazane ingashadile. Uma intombazane ikhulelwe ingashadile kufanele lowo oyikhulelisile akhokhe inhlawulo kubazali bentombazane. Uma kutholakala ukuthi intombazane ikhulelwe ekhaya kuyaye kubuzwe kuyona ukuthi ikhuleliswe kwabani isibongo ukuze bakwazi abazali bayo ukuyiqhuba bayiyise kulowomuzi. Ukuqhutshwa kwentombazane Uma kuqhutshwa intombazane kuvukwa ekuseni kusempondo zankomo, kuhanjwe ukuze bafike kubokamfana kungakavuki muntu. Lokhu kusuke kwenzela ukuthi bamfice umfana engakathathi izindlela … Read more

Izinto Ukumele Ziqashelwe Uma Kuhlatshiwe

Contents 1 Umcimbi Wokuhlabela Idlozi 2 Inanzi 3 Izimpondo 4 Umhlwehlwe 5 Ishoba 6 Inyongo Umcimbi Wokuhlabela Idlozi Kunezinto ezibalulekile okumele ziqashelwe uma kwenziwe umsebenzi othinta ithongo. Uma lezi zinto zihlale budedengu zatholwa isandla esingafanele, lowomsebenzi awube usahamba kahle ngoba abanomona baloya futhi bathwebule ngazo idlozi ekugcineni umsebenzi ungabi impumelelo. Nazi ke izinto ezidinga ukuqashelwa: … Read more

Izinkomo zamabheka

Izinkomo zamabheka kubongwa ngazo abaphansi ukuthi intombi iyalotsholwa ng umkhwenyana. Zivusa inhlanhla kumakoti zicela nakwabaphansi ukuphepha kanye nezinhlanhla emendweni. Ukubaluleka kwalelisiko kukhulu kakhulu ngoba linomthelela omkhulu enhlalweni kamakoti emendweni. Izinkomo zamabheka zikhonjwa ngemibala yazo esibayeni sabalele. Isithole sokumemeza sikhonjwa ngusokhaya ngenxa yezizathu eziyisifuba sakhe, kokunye nomndeni. Yonke into nempahla yamalobolo, igcinelwa endlini enkulu futhi ibikwa ngempepho. … Read more

Izingane Ezazalwa Abazali Bengakashadi

Intombazane ithole izingane noma ingane isekubo yase ishada nobaba wengane sezikhona, ngekhathi eshada bakhohlwa ukuzibika empephweni basho ukuthi sezihamba nonina nje shada, nokuthi bazithele ngenyongo. Bashona abazali balezingane zaqalazaba nenkinga ngoba azikhishiwe komalume. Nomalume laba bangampela banqaba ukubenzela lokho baze bafuna abanye kodwa bababiza isibongo sikamama wabo. Nabo sebeyithola indaba ngoba sebenezinkinga sebetshelwa abathandazi ukuthi … Read more

Izigaba Zokukhuliswa Kwengane Yentombazane

Ukukhuliswa kwengane yentombazane neyomfana ekhaya kuhlukile kakhulu. Uma ingane yentombazane izelwe ekhaya iyabikwa empepheni, ikhule ibhekiwe amaqhikiza, ogogo, nabanye abantu besifazane basendaweni ngoba beyilungiselelwa ukuthi iyogana emzini yabantu kumele ke iziphathe kahle ngokwesimilo, nangenhlonipho ingabi uvanzi. Nasekhaya kubo bebeyenzela yonke imicimbi eqondene nayo ukuze kuvuleleke izinhlanhla zayo ingagugeli ekhaya. Inhlanhla enkulu ebebeyicela njalo empepheni bekuba … Read more

Isiko Lokufaka Ingane Esibongweni Sakubo

Izingane ezizalwe kungakashadwa Intombazane ethole izingane noma ingane isekubo yase ishada nobaba wengane, ngesikhathi beshada bakhohlwa ukuzibika empephweni basho ukuthi seziyahamba nonina njengoba eshada nokuthi bazithele ngenyongo. Lapha sibheka uma abazali bobabili bezingane ezingabikwanga sebengasekho emhlabeni. Ngokuhamba kwesikhathi lengane noma izingane zaqala ukuba nezinkinga ngoba azikhishiwe komalume bazo. Nomalume mhlawumbe abanawo amandla okubenzela lokho noma … Read more