Contents
1 Umcimbi Wokuhlabela Idlozi
2 Inanzi
3 Izimpondo
4 Umhlwehlwe
5 Ishoba
6 Inyongo
Umcimbi Wokuhlabela Idlozi
Kunezinto ezibalulekile okumele ziqashelwe uma kwenziwe umsebenzi othinta ithongo. Uma lezi zinto zihlale budedengu zatholwa isandla esingafanele, lowomsebenzi awube usahamba kahle ngoba abanomona baloya futhi bathwebule ngazo idlozi ekugcineni umsebenzi ungabi impumelelo.
Nazi ke izinto ezidinga ukuqashelwa:
Inanzi
Inanzi (incekwa) ihlala ithongo lezo zinsuku okusuke kwenziwe ngazo umcimbi wethongo kuze kushiswe amathambo. Inanzi iyawashwa ikhishwe ubulongwe bubekwe, uma izinto sezixaka ekhaya lobo bulongo buyashiswa buhlanganiswe nempepho kushwelezwe edlozini. uma eseshisiwe amathambo iyaphekwa idliwe izalukazi kuphela. Abathakathi bathwebula ngayo idlozi uma beyitholile.
Izimpondo
Izimpondo zikhombisa ukuthi nakhu ukudla obekunikwa usibanibani enzelwa umcimbi noma okukhuliswe ngako unosibanibani. Izimpondo zibekwa phezu kwendlu maqondana nomnyango.
Umhlwehlwe
Kunenkolelo yokuthi ithongo lihlala emhlwehlweni, liwukhothe ngokwesimo sethongo. Umhlwehlwe uhlala emsamo endlini enkulu (kwaGogo). Uma intombazane ikhuliswa yenzelwa umemulo kubalulekile ukuthi iwumbathe, ukuze ithongo liyibheke libone ukuthi ngubani okhuliswayo. Uma isisina esigcawini isuke igidela lona ithongo, uma seyibuya esigcawini umhlwehlwe uyabekwa emsamo.
Ishoba
Ishoba likhishwa uma kuqedwa kubulawa inkomo uma selikhishiwe lihlatshwa intshakazi (ukulibopha kancane), ukuze abantu bangakhishwa isisu uma inyama yaleyonkomo. Ishoba libekwa phezu kwendlu lize lome. Okuyisikhumba okusekuqaleni kungakhiwa ngakho isibambo sommese noma sikacelemba. Kakufanele lilahleke ekhaya ngoba kunenkolelo yokuthi uma lilahlekile umsebenzi awamukelekile. Abantu bayaloya ngalo ishoba okwenza ukuthi uma ithongo libuya libuye ngolaka.
Inyongo
Inyongo ithi ayifane nenanzi kodwa yona ayidliwa iyafuthwa bese ibekwa emsamo. Inyongo ihlala idlozi kanti uma itholwe umthakathi lowomsebenzi usuke ufana nokuthi awuzange wenziwe. Kanti bathwebula ngayo idlozi ukuthi lingaphinde likusebenzele. Umakoti uma eshada uthelwa ngamanzi enyongo lokho kusho ukuthi usegadwe ilelo dlozi lalapho endele khona. Uma inyongo ilahlekile kusuke kungahambi kahle ngoba lo osuke eyithathile usuke eyoganga ngayo
Written by: Zanele Shange
Amathambo enkomo nembuzi ashiswelani
Ukuthi amathakathi bengagangi ngawo.