Izinkomo zamabheka kubongwa ngazo abaphansi ukuthi intombi iyalotsholwa ng umkhwenyana. Zivusa inhlanhla kumakoti zicela nakwabaphansi ukuphepha kanye nezinhlanhla emendweni. Ukubaluleka kwalelisiko kukhulu kakhulu ngoba linomthelela omkhulu enhlalweni kamakoti emendweni. Izinkomo zamabheka zikhonjwa ngemibala yazo esibayeni sabalele. Isithole sokumemeza sikhonjwa ngusokhaya ngenxa yezizathu eziyisifuba sakhe, kokunye nomndeni. Yonke into nempahla yamalobolo, igcinelwa endlini enkulu futhi ibikwa ngempepho. Abakhongi baphumela kulendlu ngosuku abaya ngalo kocela isihlobo esihle.
“Uyothi wabonani wemfazi ongazalanga! Kuhle kwethu! Zwana kumama! Zwan’ entombini yami emhlophe! Ngasha yincuphe! Yehhe! Kuhle kwethu!”
Asho njalo amaZulu uma sekulotsholelwana, injabulo isuke ichichima abesifazane bekikiza. Afikile amabheka omntwana ivulekile inhlanhla emhlophe. Izintombi ziphuthuma umutsha, zizishaye ngawo izinkomo lezi, abafana bona bazithela ngomquba wesibaya ngoba eyokufika ziyayibovula. Zishaywa ngomutsha wayo intombi. Umutsha ubhincwa izintombi ezingakalotsholwa. Njengoba isilotsholwe njena isiyaphuma le ntombi ohlwini lwezintombi zomutsha kodwa isizoklela nezintombi zesidwaba, izingoduso, izintombi esezilotsholwe. Yiyona ndlela intombi egcina ngawo ukuba nomutsha ongowayo. Njengoba isishaye ngawo izinkomo ayiseyukuphinda iwubeke okhalweni lwayo. Uma kuyimicimbi edinga imvunulo, le ntombi isiyovunula ngesidwaba. Lezi zinkomo zihlanganiswa nezinye ngomquba wesibaya.
Kulesi sikhathi esiphila kuso sekuyinhlanhla enkulu kabi ukubona izintombi zilitsholwa. Le nhlanhla iyahlangatshezwa. Kufanele zithi zingangena izinkomo umnumzane aphuthume abambe imbuzi, ayihlabe, abonge abangasekho abakhuthaze umkhwenyana ukuba alobole. Ngemuva kokulethwa kwezinkomo zamabheka kulisiko lamaZulu ukuzibonga lezizinkomo.
Zibongwa kumkhwenyana, kusokhaya nasemadlozini. Kucwiliswa imithombo yommbila namabele, kugaywe utshwala bombondo obusiwa emzini, okuthiwa ingqibamasondo. Utshwala bokugqiba amasondo ezinkomo ezazilethwe zizolobola, amabheka. Lo mcimbi akubi owomuzi wakubo kwentombi elotsholwayo kuphela kodwa zonke izintombi ezisethimbeni linye nale ntombi elotsholwayo ziyayiqhagisa le ntombi ngabo utshwala lobu. Kuhanjiswa amaphuzi, obhatata, izindlubu nakho konke okubonakala kungaba usizo emzini. Ngaphandle kokuthi lomcimbi ungowokuhlonipha nabaphansi, ungaba nayindlela yokwenza izibondlo kwabasemzini. Zithi zingafika emzini izintombi zikhonjiswe ithole lenkomo, isijingi sezintombi. Lenkomo iyisipho nje sezintombi, ayingene emalobolweni.
By: Sbo Dladla