Amakhambi adiyasa eMakethe

Isintu siyinsila yomuntu noma ungayaphi kodwa kuhlezi kuyinto ekhona, abasuka emakhaya beyokwakha esilungwini, emolokishini kuyafana. Ngisho ungabashintsha abantu indlela abenza ngayo bashintshele kwisimanje kodwa uyabona ukuthi kunezinto engeke bashintshe kuzo, lapha ke sikhuluma ngendaba yokuzelapha ngesintu. Ngoba sesiphila esikhathini sesilungu nje sakwaba khona nama-“medical aid” okuwuhlelo lokuzisiza kulaba abakwazi ukuwakhokhela. Lokhu kusho ukuthi umuntu ogulayo ukwazi ukuya kodokotela abaseqophelweni eliphezulu ukuze bezosizakala ekuguleni kwabo. Uma umuntu ephethwe izinyo nje uya kuDokotela wamazinyo “Dentist” asizakale njalonjalo lokhu kwenziwa kube lula iwona ama-medical aid lawo. Kepha okuqaphelekile ukuthi noma kunjalo kodwa abantu basakholelwa emakhambini esintu ngisho nabacaphuna kusale abanamandla okukhokhela i-medical aid.

EThekwini indawo edume ngokudayisa wona amakhambi iseMakethe, ingakho kungamangazi ukuthuka usuhlangana nosozimali khona kule ndawo nabo befuna okuzobasiza .Akwaziwa ukuthi yini eyakhuluphalisa ingulube ingakho ungeke ubasole ngokubabona khona noma benawo ama-medical aid ngoba nabo bafuna impilo. Ngisho namanje njengoba kungenise lolubhubhane olubizwa ngoKhuvethe baningi abantu abavakashela indawo yaseMakethe ukuyothenga umhlonyane ngoba siyezwa kuthina uyasiza ekubhuleni lomlilo woKhuvethe osha ubuhanguhangu ubhubhisa ezweni. Noma amakhambi esintu esiza, abanye bawasebenza isinyelela ngoba bengafuni ukubukwa ngeso lokusolwa. Abanye ke bona basuke bezishayelwa ingcindezi yokuthi bafuna kuthiwa bahamba nesimanje.

Iyomile iyaziyela, akekho oseThekwini ongazi ukuthi amakhambi uzowatholaphi, ngisho nohlanya luhlanyela ngakhona uma luzizwa luntekenteke emzimbeni. Kuyajabulisa ukubona abantu bakithi bengalahlile konke okuqondene nendlela yesintu kanye namasiko noma sebehlala esilungwini. Phela izindawo ezisondelene nedolobha iTheku izindawo zesilungu, amalokishi kanye namahostela ahlala abantu abazozama impilo engcono kuleli dolobha kodwa ukuhle ukuthi abalibele ukuthi amakhambi esintu awakaphumi estayeleni noma emgangathweni ngoba phela kuningi okufikayo kuthathwe iwona wonke umuntu ahambe nakho aze akhohlwe nayilokhu akayikho.Okuhle kakhulu ngezindawo ezifana neMakethe ukuthi zisaqukethe isintu noma zisesilungwini.

Leave a Reply