Kubungezwe uDenis Hurley ngokuvula isikhungo ngegama lakhe

Izivakashi kuvulwa i-Denis Hurley Exhibition Centre

NgoMgqibelo mhla ziyi-11 kuNhlolanja kowe-2017 kuvulwe isikhungo esibizwa ngokuthi i-“Denis Hurley: Guardian of light”. Lesi sikhungo sibungaza impilo nemisebenzi yeqhawe eladlala indima ekugxekweni nasekuphikisaneni kombuso wobandlululo ngamakholwa. Leli qhawe laliphinde futhi libe ngumbhishobhi omkhulu webandla lamaKhatholika. Lapha sikhuluma ngo-Denis Hurley, owadlula emhlabeni ngonyaka ka-2003.

Lesi sikhungo esitholakala e-Denis Hurley Centre (DHC) eThekwini siphumeleliswe ukuhlelwa kwaso uMfu. uPaddy Kearney, ongusihlalo wekomiti lase-DHC, esebenzisana noSteven Kotze owayephethe uxhaso lomasipala weTheku.

Kulesi sikhungo kutholakala imvunulo ka-Hurley yobubhishophi kanye nezithombe ezihambasana nezincazelo ngempilo nangezikhathi zakhe. Kuphinde kube khona izithombe nezincazelo zemicimbi nezigameko ezaba nomthelela emlandweni waseNingizimu Afrika kusukela ngezikhathi zabo-1900 kuya kwezama-2000s.

Siyatholakala futhi nesithombe sika-Hurley ebambene, ehambisana nabanye abaholi nabefundisi bamanye amabandla, semashi enkulu yango-1989 eyayihlelwe amabandla nezinye izinhlaka zomphakathi ezaziphikisana nombuso wobandlululo.

Kubaholi abasaphila ababekhona kuleyo mashi, kubalwa uSaydoon Sayed, owayengumholi we-Muslim Youth Movement, uMfu. Michael Nuttall owayengumbhishobhi wama-Anglican KwaZulu-Natal kanye nombhishobhi wama-Methodist u-John Borman. Bobathathu labaholi babekhona emcimbini wokuvula isikhungo sokubungaza impilo ka-Hurley.

Kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla – uSaydoon Sayed, uMfu. Micheal Nuttall noMfu. John Borman

Kubantu abaqavile abebengezinye zezimenywa kulomcimbi kubalwa uDkt. uZweli Mkhize owayengundunakulu wesifundazwe saKwaZulu-Natal noMfundisi uWilfrid Napier, umbhishophi omkhulu webandla lamaKhatholika eThekwini.

uDkt. Zweli Mkhize wancoma umsebenzi kaHurley wathi waba yisibonelo esihle emphakathini

U-Hurley owayeyindoda eyayaziwa njengomuntu woxolo nobulungiswa emphakathini wasungula i-Diakonia Centre for Peace ngonyaka ka-1976, inhlangano ehlanganisa amabandla ahlukahlukene. Le nhlangano esakhona nanamuhla isebenza kakhulu emkhakheni wezokusiza nokubheka izisombululo ezinkingeni zemiphakathi yaseNingizimu Afrika.

Umlobi wencwadi ekhuluma ngempilo ka-Denis Hurley uMfu. Paddy Kearney uthe uHurley waphila impilo yakhe yonke ezama ukwenza izimpilo zabantu owayefinyelela kubona zibe ngcono.

 

 

 

*This article, written in IsiZulu talks about the launch of the exhibition centre called “Denis Hurley: Guardian of Light”, which took place on Saturday 11 February 2017. The exhibition centre is housed in the Denis Hurley Centre at No. 2 Cathedral Road in Durban, South Africa.

Leave a Reply