Imfuyo Yomuzi Wesintu

Imfuyo Yomuzi Wesintu
Ezizweni zesintu ezihlukene, okubalwa kuzo amaZulu, amaSwazi, amaXhosa kanye nabeSotho ukubalwa ezimbalwa, kukholelwa kakhulu ekufuyeni, okubalwa khona izimbuzi nezinkomo. Abanumzane besizwe samaZulu baziqhenya kakhulu ngemfuyo, futhi isibaya sendoda isona esenza ihlonishwe kakhulu. Lana sizodingida ngemfuyo yomuzi wesiZulu, okubala kuwo okufuywayo, imibala yezinkomo yesintu, amabanga okukhula kwezinkomo kanye noku nakekelwa kwazo izinkomo.

Imfuyo
Imfuyo efuywayo iyahlukana, kusuka kuzinkomo zobisi, kuze kwezenyama. Kube izimvu ezafika nabelungu kuleli laseNingizimu ne-Afrika kanye namahhashi kulandele izimbongolo. Kanye nezimbuzi ziyafuywa ngoba zisetshenziswa ukuthetha idlozi, uma kuzohlatshwa kubikwa ngazo kwabadala noma kuzohlatshwa inkomo yomsebenzi wesintu. Okwenza ukuthi kusetshenziswe imbuzi uma kwenziwa izinto zesintu ezimayelana nabaphansi ukuthi imbuzi iyakhala uma ihlatshwa. Lokhu kubalulekile ngoba kukhombisa khona ukuthi abaphansi bayahambisana nomsebenzi owenziwayo. Ngoba ukuthula kwembuzi uma ihlatshwa isho ukuthi kukhona okungalungile noma abaphansi kukhona abangavumelani nakho. Lokhu kufakazelwa ukuthi imvu, nayo efuywayo ayihlatshwa uma kwenziwa izinto zabaphansi, ngoba ayikhali uma ihlatshwa.

Esinye sezilwane ezibalulekile ezifuywayo yizinja. Izinja lezi zikhonzwe kakhulu yisizwe samaZulu ngenxa yemisebenzi yazo emihle. Izinja kuzingelwa ngazo izinyamazane uma kuphunywe inqena noma abantu bezizingelela nje bechitha isizungu. Izinja ziphinde zibe wusizo ukuqapha umuzi ekhaya ngoba ziyakwazi ukuhlukanisa umuntu wasekhaya nowangaphandle. Lokhu kusiza ekuvikeleni umuzi kubakhunkuli kanye nezinswelaboya ezisuke zizokweba ekhaya. Inja futhi ngesinye sezilwane ezifuywayo ezihlakaniphe kakhulu ngoba iyalalela uma ikhuzwa futhi inja ithembakele kakhulu ngoba iyamazi umnikazi wayo, kanti futhi ingumvikeli ngoba ilwa iphenduke isilwane ukuvika umnikazi wayo ezilwaneni zasendle ezifana nezinyoka.

Brief Overview 
In ancient and modern Zulu households, farming has always been something relating to a man’s status. Having a kraal full of cows, goats and even sheep was a symbol of esteemed status and mostly commanded respect from other community members. It is under this premise that one looks at the importance of farming in the Zulu traditional setting, the the types of livestock that were farmed, as well as other animals such as dogs and cats that are found in Zulu households.

Leave a Comment