IBurfee iyinyama emnandi yaseNdiya noma i-pudding yobisi ecebile futhi ewuju. Yenziwa ngesikhathi semikhosi engcwele efana no-Diwali ne-Ramadaan futhi isetshenziswa njengomnikelo phakathi nemikhuleko. Kukhona nezindlela ezihlukahlukene zokuyenza. IBurfee nayo ingathengwa ezitolo ezisendaweni zamaNdiya.
Okuqukethwe
- Izithako
- Indlela yokwenza
- Isitebhu 1
- Isitebhu 2
- Isitebhu 3
Izithako
- 1 ithini le-Nespray (ubisi oluwuphawoda) (500g)
- 2 ithini le-nestle cream (155g * 2)
- 1 ithini lobisi lwe-condensed (397g)
- ¼ wenkomishi yebhotela (butter) (60g)
- 1 ithini lobisi lwe-carnation (410g)
- ½ inkomishi kashukela
- 1 inkomishi ye-icing sugar
- 2 amathisipuni e-ground almonds
Indlela yokwenza
Isitebhu 1
- 1 ithini le-Nespray (ubisi oluwuphawoda) (500g)
- 1 tin nestle cream (155g)
- Xuba i-Nespray ne-nestle cream ndawonye, ukuyeke ihora elilolwa
- Kuxube kuze kube kuyahlangana
Isitebhu 2
- 1 ithini lobisi lwe-condensed (397g)
- 1 ithini le-nestle cream (155g)
- ¼ inkomishi yebhotela (60g)
- 1 ithini lobisi lwe-carnation (410g)
- ½ inkomishi kashukela (onsundu/omhlophe)
- 1 inkomishi ye-sifted icing sugar
Isitebhu 3
- Hlanganisa izithako ndawonye. Faka ebhodweni ubilise. Uma isiqala ukubila, yehlisa ukushisa kodwa uqhubeke nokugoqoza ukuze ungashi.
- Ngemuva kwemizuzu engaba yishumi okuthakile kuzofana nengxube ye-pudding ewugqinsi.
- Khipha esitofini bese wengeza ingxube ye-nespray (isitebhu 1) kancane, kancane kuze kuhlangane konke.
- Manje yengeza inkomishi eyodwa ye-sifted icing sugar kanye nezipuni ezimbili zama-alimondi agayiwe.
- Hlanganisa kahle, kuyeke kuphole bese ukufaka kwibhawuli ethandwa nguwe.
- Sika amabhulokhi futhi uhlobise uma uthanda ngokufafaza ama-alimondi .Kugcine efilijini kuze kuqine bese uyaphaka.
Ibhalwe: Yoveshine Pillay