Umsuka
AmaNdiya aseThekwini asebenzise inqwaba yamasiko nezindlela zokupheka ezizukulwaneni zawo ezedlule. Benezabo izindlela zokwenza izindlela ezingabizi kakhulu nezilula zokuziphilisa. Isiko lokuzenzela isinkwa esibizwa ngokuthi uroti kwakuyisiko elathatha amakhulu eminyaka, ngaphambili lalisetshenziswa njengokudla okuyisisekelo esikhundleni sesinkwa sasesitolo. Yonke imizi yamaNdiya eThekwini bekwenziwa uroti. URoti ubuye usetshenziswe njengomnikelo kumaHindu, amaNdiya azo zonke izinkolo eThekwini ayakwazi ukwenza uroti noma ukuwudla. AmaNdiya amaningi enza isinkwa esisha nsuku zonke ngesandla futhi apheke nge-thava (efana nepani noma ipani lokuthosa). Uroti ungenziwa ekhaya futhi wenziwa kakhulu kodwa awenziwa ngabesifazane kuphela. Ubuye idayiswe ezindaweni zokudlela, ezitolo, ezitolo ezinkulu nasezitolo zezinongo ngamadazini. Uvamise ukuthengiswa nezishebo ezindaweni zokudlela nanjenge-roti roll.


Izithako
- 3 izinkomishi zikafulawa wekhekhe
- 1 ithisipuni kasawoti
- 3 wezipuni zamafutha okupheka
- 1 inkomishi yebhotela elicibilikile noma imajarini
- 1½ inkomishi yamanzi
- IThava noma ipan lokuthosa
- Ibhodi lesinkwa
- Umphini wokugaya (Rolling pin)
Indlela yokwenza
- Shisisa ithava/ipani esitofini esingashisi kakhulu.
- Sefa ufulawa wekhekhe endishini.
- Faka usawoti, imajarini noma ibhotela namafutha kufulawa osefiwe.
- Xova ingxube (mixture) ngeminwe yakho.
- Faka amanzi abilayo kwiengxube ebukeka njenge mvuthuluka ukuze wenze inhlama ethambile.
- Hlanganisa inhlama bese ubumba amabhola amancane.
- Cindezela phansi ebhodini lesinkwa bese ugoqa usayizi oyifunayo.
- Beka ngokucophelela kwithava eshisayo noma epanini lokuthosa bese uyishisa ize ibe nsundu.
- Gcoba isinkwa ngemajarini encane nhlangothi zombili ngaphambi kokusikhipha.
- Phinda kuze kube yilapho amabhola enhlama esephelile.
Yenza oroti abaningi futhi bengadliwa nesishebo noma netiye.
Ibhalwe: Yoveshine Pillay