Okuqukethwe
- Umlando weDurban Bunny Chow
- Iresiphi yeBeans Bunny Chow
- Izithako
- Indlela yokuwenza
Umlando weDurban Bunny Chow
Ukufika kwamaNdiya eThekwini ngawo-1860 abona uhlelo olusha nezindlela zokuphila ezintsha. AmaNdiya athola izindlela ezintsha zokuphila ngaphandle kokulahlekelwa okudala/ ubuwona. I-bunny chow yayingenye yalezo zinto ezisungulwe ekuqaleni kwawo-1900 ezenziwa ngokufaka u-curry (isishebo) Phakathi esinkweni. Igama elithi chow yigama lesi-slang laseNdiya lokudla. Umlando wama-bunny chows ubuyela emuva ngesikhathi lapho abamnyama babengavunyelwe ukuhlala kunoma yiziphi izindawo zokudlela ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo. Ngaleyo minyaka izindawo eziningi zokudlela eThekwini zaziphethwe abadayisi baseNdiya.

Ukuze kuhlinzekwe amakhasimende amnyama, u-curry ubuphakelwa engxenyeni yesinkwa ekhishwe maphakathi nokwenza kube lula ukuhamba nayo. Enye incazelo emayelana nomsuka webunny chow ukuthi yasungulwa ngabakwaBhanyiya. Abakwa Bhanyias babeyisizwe esivela eNdiya abasungula izitolo zabo kuGrey Street enkabeni yeTheku. Igama elithi bunny chow livela ekuhlanganisweni kwesidlo namaBhanyias, nabantu bendawo besebenzisa uhlobo lwabo lwegama elithi Bunny kwelaseBhanyia, ngakho-ke igama elithi ‘bunny chow’ lisho ukudla kweBhanyia.
Isitolo sokuqala ebesiphakela i-bunny chow bekuyi-G.C. Indawo yokudlela yaseKapitan Vegetarian eGrey Street kanti ubhontshisi kwakuwu-curry wokuqala okwenziwa ngawo i-bunny. Noma ngabe iyiphi incazelo eyiyo, i-bunny chow iyingxenye ebalulekile yesiko lamaNdiya futhi isathokozelwa kakhulu njengengxenye yeTheku. Ama- bunny chows atholakala cishe kunoma iyiphi indawo yokudlela yaMandiya,eThekwini. Ukwenza i-bunny chow kulula; ungenza i-bunny chow usebenzisa noma ibuphi u-curry ophekiwe.
Iresiphi yeBeans Bunny Chow
IDurban Bean Bunny
Izithako
- 250g ubhontshisi kashukela
- 4 amazambane
- 1 isipuni samafutha
- 2 wezipuni chilli powder
- 1 ithisipuni dhaniya powder
- 1 ithisipuni i-jeera powder (i-coriander powder)
- 1ithisipuni ye-ginger garlic powder
- Izinti ezimbili zesinamoni
- 1 anyanisi
- 1 utamatisi
- 1 ithisipuni kasawoti
Indlela yokwenza
Cwilisa ubhontshisi ubusuku bonke bese ubilisa ubhontshisi kuze uthambe bese ubeka eceleni. Shisa amafutha ngebhodwe,faka izinti zesinamoni, u-anyanisi notamatisi ugovuze ebhodweni, bese ufaka i-chilli powder ne-ginger garlic enhlanganisweni, engeza izinongo namazambane bese welula isikhathi kuze kube yilapho amazambane ayavuthwa. Yengeza ubhontshisi ugovuze kuze kube isobho liyajiya, faka ingcosana kasawoti. Thatha uhhafu wesinkwa esingasetshenziswanga ukhiphe okuphakathi nendawo, ugcwalise umgodi ngo-curry ophekiwe bese umboza ngengxenye oyikhuphile.
Ibhalwe uYoveshnie Pillay