Umngcwabo

Umgcwabo ila kusuke kufihlwa khona umuntu osedlulile emhlabeni, ebekwa endaweni yakhe yokugcina. Umsebenzi womgcwabo lona, wanganyelwa abanewabo nabaninawa balo osuke esekobandayo. Ngelanga lomngcwabo, ibandla libuthana eduze komuzi kepha lingangeni ngaphakathi. Lelibandla ilona elisuke lizokumba incwaba lomufi, la ezobekwa khona. Inkosana yakulowo muzi ithatha isihlangu sayo noma umkhonto iphume noyisekazi iye lapho kuzombiwa khona ithuna. Umnumzane ngokujwayelekile ungcwatshelwa esibayeni sakhe, noma phambi kwendlu yakhe. Okuthi othangweni lwesibaya kuqaqwa umthangala, kulungiselwa ithuna, lapho esethuniwe usokhaya, uyabuyiselwa umthangala.

Uma lenkosana isifike endaweni yeliba iwuhlaba phansi umkhonto undlafa, emva kwalokho kuqalwe umsebenzi wokumbiwa. Ithuna lelo limbiwa ngesifiso sikamnumzane asibekile esaphila. Uma ethe ufuna ukuhlaliswa uma esethunwa, limbiwa libe isidingilizi, uma ethe ufuna ukulaliswa, limbiwa libe lide kakhulu. Kusaqhubeka nokumbiwa, indlalifa isuke isahlabile ngomkhonto, ngala okuzoba ngakhona ikhanda likasokhaya. Okuthi kungakaqedwa ukumbiwa lendlu, kubuye abafowabo nohlaka olwakhiwe ngomhlonhlo umuthi wamathuna. Umnumzane uyaye ebe esebonwa okokugcina, bese kungena umfowabo nembewu yayo yonke into elinywa emasimini, afike ayifumbathise umufi acele kuye ukudla; lokho kusuke kwenzelwa ukuthi umufi angahambi nokudla ekhaya.

Umnumzane ungcwatsha ntambama, uphuma esegoqwe ngesikhumba ahanjiswe futhi nempahla nemvunulo yakhe ukuze angantuli phambili, uhlaka lolu akathwelwe ngalo lubanjwa abafowabo nabegazi lakhe. Emva kohlaka kuba isithembu ngokulandelana kokusina kwaso, sembethe iziphuku safolisa emakhanda. Emva kwaso kulandela amadodana omufi uma esekhulile, bese kuba izihlobo kanye nomakhelwane. Akukhulunywa lutho noma akuhutshwa nkondlo. Incwaba lakhe liba nendlu yakhe eceleni, akafakwa kuyo bese kubuyiselwa inhlabathi, emva kwalokho umnewabo ukha inhlabathi ngesandla ukuze asondezele laba okumele baphose isihlabathi encwabeni. Uma umnumnzane ethunwa, uhamba nezimpahla zakhe ebesezindala, okungukuthi eseziyinsila yakhe, kanye nemvunula abeyikhonzile ahanjiswe nayo. Emva kwalokho kulandela uhlaka abethwelwe ngayo lufakwe ethuneni kugcine ngenhlabathi ngaphezulu.

 

Brief Overview

As Zulu people, our ritualistic ways when it comes to funerals or burials differ from others. This article reveals what happens during the Zulu burial and also on what happens before the actual burial day. Our fundamental ways of doing things remain but some of the basic ways that people bury their loved ones have changed.

Leave a Comment