Umngcwabo

Umgcwabo ila kusuke kufihlwa khona umuntu osedlulile emhlabeni, ebekwa endaweni yakhe yokugcina. Umsebenzi womgcwabo lona, wanganyelwa abanewabo nabaninawa balo osuke esekobandayo. Ngelanga lomngcwabo, ibandla libuthana eduze komuzi kepha lingangeni ngaphakathi. Lelibandla ilona elisuke lizokumba incwaba lomufi, la ezobekwa khona. Inkosana yakulowo muzi ithatha isihlangu sayo noma umkhonto iphume noyisekazi iye lapho kuzombiwa khona ithuna. Umnumzane … Read more

Ukufa

Injabulo inse nocwephe lensipho yokugeza lona olushelela ezandleni, olungabambeki. Uma kuzalwa umuntu, abantu bayaphuphuma injabulo, ngoba ukufika komuntu emhlabeni kuyabungazwa. Nokho ke, injabulo akusiyona into yaphakade, njengoba ukufa kungazibekile phansi, kugadla kuphindelela, okuyiyonanto eqophisana nenjabulo. Ukufa akusabi nsizwa, akusabi ntombi, akusabi saguga akusabintsha, akusabi Makhosi ezizwe akusabi bafokazane, ngoba kuwathathile amaqhawe adume ngemisebenzi yawo kwaZulu, … Read more