Umlando weVictorian Railway Station “Workshop”

ISteshi sikajantshi sisuka ngeminyaka yama-1890s, emuva kokuba uhulumeni wakwaZulu (Natal Government Railways) wezitimela abona ukwenyuka kokuhweba endaweni yaseThekwini wabe eseqhamuka nombolo wokwakhiwa kuka jantshi wezitimela. Kulesiteshi kunesakhiwo esino veranda esinakhiwe ngezitini ezinombala ongathi uphuzi ngaphandle sibaluleke kakhulu, ingakho ngo-1979 Agasti 10 saqokwa njenge sinye sezakhiwo ezibalulekile eNingizimu Afrika ngokuqokwa njenge “National Monument” ngaphansi komthetho we “NMC legislation”.

Isiteshi sojantshi omdala waseThekwini sakhiwe ngonyaka ka 1892, kanti nezakhiwo zakhona zitshengisa ubuhle bangaleso sikhathi sokwakhiwa kwaso. Lendawo ubuhle bayo obeminyaka abuphuphi futhi namanje isaheha abantu njengoba kuhlale kugcwele nje esiteshini. Lesi sakhiwo sime sathi chu nje saside eStreet Corner. Kanti ke phezulu yathi uma isifulelwa kwaba khona ukuphambana ngezinhlelo ngoba phela yafulelwa ngezinto okwakumele zifulele isakhiwo esasakhiwa eCanada seToronto Railway Station.

Lesiteshi saseThekwini sabululeke kakhulu emlandweni weTheku njengezinye izakhiwo ezinomlando kuleli dolobha. Lendawo ibambe iqhaza elikhulu ekutheni kugcine sekwakhiwa idolobha iTheku eselidume umhlaba wonke ngobuhle nangomlando walo. Lendawo ivuse umnotho waseThekwini yawumisa ngezinyawo. Kumanje iTheku lingezinye zezindawo ehamba phambili ngomnotho esifundeni sakwaZulu. Lendawo imqoka ngoba iphinde isivezele ukuhlalisana kwabantu abantu abahlukene esikhathi samanje eNingizimu Afrika “represents the Diversity of modern South Africa”.

Okunye okuvusa amehlo ngalendawo ukuthi indawo lapho khona umlweli waseNdiya nabaseNdiya nencindezelo uMahatma Gandhi la akasuswa khona ngenkani ehleli endaweni eyayibekelwe abaMhlophe kuphela “Whites Only cart”. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi sobandlululo kwakunezindawo zabaMhlophe kuphela nezabaNsundu njalonjalo. uMohandas Gandhi ngomunye owalwa nencindezelo yabaNsundu ngoba nawo amaNdiya ayebizwa ngabaNsundu. Kulesteshi kunoqwembe oluphanyekiwe olubhalwe ukuthi  “Mohandas Karamchand Gandhi took the first step in his struggle against all forms of discrimination and oppression when he boarded a train at the Durban station on 7th June 1893”.

Leave a Comment