Umlando weSaint Aidans Hospital, eThekwini

Izibhedlela ezisendaweni yaseThekwini zinomlando odalwe yisimo senhlalo, amasiko nezepolitiki lapho zikhona. Izakhiwo zakudala zalesi sibhedlela zixoxa ngomlando wethu. Uphawu oluphawulekile lwalezi zakhiwo empeleni lume isikhathi eside. Isibhedlela iSaint Aidan Mission eThekwini singesinye sezibhedlela ezinjalo.

Kwakuyimbewu enomdlandla eyahlwanyelweanguMfundisi uDkt Lancelot Parker Booth owayengudokotela waseNgilandi owafika eThekwini futhi engagculiseki ngezimo zokusebenza nezingezampilo zabasebenzi baseNdiya ababengabhalisiwe. Wayefuna ukubasiza, ngakho wasungula isikole sezithunywa zevangeli, ukuze athuthukise labantu ngokubafundisa nokubakhuthaza ngokomoya.

Yize engasiqalanga isibhedlela, wadlala indima enkulu ngokuzikhandla nangokukhombisa intshisekelo, ngaleyo ndlela wavula indlela yesikhungo sezokwelapha esiqophe umlando eThekwini. Usungule isikole sakhe sezithunywa zevangeli ku-49 Cross street. Ngo-1886 kwaqedwa iSaint Aidan Church, kodwa-ke wabona kunesidingo esikhulu sezinsizakalo zezokwelapha ngakho-ke wasungula isikhungo sezokwelapha ngemuva kwendlu yakhe yezithunywa zevangeli. Wahamba eThekwini ngo-1906 kodwa sasisakhula isidingo sokwelashwa njengoba abantu baseNdiya banda.

Ukusungulwa kwesibhedlela

Ngo-1914 uMfundisi C.M.C. Bone ufike evela eNdiya wajoyina umhlengikazi onenhliziyo enhle ogama lakhe linguMiss Cole ekuqaleni isikhungo sezokwelapha. Bebazi ngokushoda kwezinsiza zezokwelapha kanye nezinsizakalo, futhi bezimisele ukushintsha isimo. Baqasha indlu ebhekene nendlu yemishini futhi baqala ngesibhedlela semibhede esingaba ngu-9 kuya ku-16, lapho uMiss Cole aze amnikeze nesevisi yakhe mahhala. Ngo-1916 isibhedlela esizimele ngaleyo ndlela saqalwa sahlinzekwa ngezinsizakalo kuzo zonke izinhlanga nobulili kwabesifazane nezingane kodwa ngokuhamba kwesikhathi, lapho ukuphela isivumelwano ngo-1923 baphoqeleka ukuthola izakhiwo ezintsha kwathi ngo-1924 indlu yaseBooth Mission yaba ku-49 Cross Street.

Ngonyaka ka-1932 kwaqalwa ikomidi lokwakha izibhedlela ngamalungu aqhamuka kubudokotela futhi bathenga isiqephu somhlaba kuCentenary Road ukunweba indawo yaso. NgoJulayi 4, 1935 isibhedlela savulwa ngokusemthethweni. Isakhiwo esiphakathi kwalesi sibhedlela sasiwuxande (rectangle) , sinesikwele njengensimu.Isibhedlela sasinemibhede engu-100. Lezi zimali zanikelwa kuHulumeni wesiFundazwe saseNatali kanye nasemphakathini ngokuqoqwa kwemigwaqo. Ngo-1952 iSt Luke Chapel yahlangana nesibhedlela sisithinta ngokwenkolo.

Isibhedlela manje

Manje isibhedlela samukela zonke izinhlanga, futhi sisebenzisa izinhlanga zamasiko amaningi. Ngo-1960 nokho isibhedlela sabhekana nezinkinga zepolitiki ngeGroup Areas Act lapho isibhedlela saziwa njengendawo ekhethekile futhi ibhodi lesibhedlela kwakudingeka lifune imvume yokwengeza izakhiwo zalo. Ngo-1966 isonto i St Aidan lakhiwa lincikene nesibhedlela kwathi ngo-1977, isibhedlela saqala iphrojekthi ka-R5 million eyayizophothulwa ngonyaka ka-1984. Isibhedlela sasisebenza njengesibhedlela esizimele kuze kube unyaka ka-2004, ngesikhathi sinikelwa kuMnyango waKwaZulu Natali Wezempilo ngokuqashiswa kweminyaka engu-10.

Ibhalwe: Yoveshine Pillay
Umthombo: UMnyango Wezempilo

1 thought on “Umlando weSaint Aidans Hospital, eThekwini”

  1. We got people leaving with h.iv. so we help them with clothes and food if we can have same help of panels and food to give them as we going to see them we will appreciate a lot

    Reply

Leave a Comment