Umlando weMpumalanga College of Education

IMpumalanga College of Education yakhiwe endaweni yaseMpumalanga Township maphakathi noMgungundlovu nedolobha leTheku. Ikolishi lasungulwa ngonyaka ka1975 lavulwa ngokusemthethweni ngonyaka ka1982 Agasti 21. Umuntu owavula ikolishi uDokotela OD Dlomo owayenguNgqongqoshe wezeMfundo namaSiko KwaZulu ngalesosikhathi. Umphathi wokuqala wekolishi kwabanguMnumzane J Khoza walandelwa uMnumzane D Sibisi noJM Hadebe babebambile kwaze kwaphatha uMnumzane Motaung yena wayenguDokotela wezeMfundo walandelwa nguDokotela SM Nzama kwagcina uSE Mkhize owayeyibamba.
Ngaphambi kokusungulwa kwekolishi abafundi ababefundela iziqu zobuthishela babefundela esikoleni samabanga aphansi iVukuziphathe LP School khona eMpumalanga Township. Ngalesosikhathi babefunda behlala emakhaya ngoba yayingekho indawo yokuhlala yabafundi. Abafundi ababesuka ezindaweni ezikude neMpumalanga bona babeqasha emizini yabantu. Ukuqala kokuhlala kwabafundi ngaphakathi ekolishi kwaqala isiphothuliwe ikolishi ukwakhiwa. Kwakunabafundi besilisa nabesifazane. Ukufundela ubuthishela kwakuthatha iminyaka emithathu ukuthola iziqu. Ngesikhathi sakudala wawukwazi ukuthi ufundele ubuthishela noma ngabe wawuqede ibanga lesishiyagalombili.

IMpumalanga College of Education yayaziwa ngezinga layo eliphezulu lokudla ibhola lezinyawo, ibhola lomnqakiswano, ibhola lomphebezo. Kwathi ngesikhathi sokuthi kuvalwe wonke amakolishi okufundela ubuthishela nalo lavalwa. Ngemuva kwesikhathi lavulwa lwabayiMpumalanga FET ngonyaka ka2000. Njengamanje kunezifundo ezahlukene ezihlanganisa ezobuhlengikazi, ukuqeqeshelwa ukusebenzisa ubuchwepheshe bamakhompyutha, ezolimo njalonjalo. Kutholakala namahhovisi alabo ababhekelele ukuthuthuka kwabantu abasha kwezamabhizinisi uSEDA.

Leave a Comment