UMark Tovey

U-Mark Tovey wazalelwa ePitoli ngomhlaka-7 kuNhlaba 1955. Wayefunda e-Northlands Primary nase-Northlands Secondary, enyakatho yeTheku.

Uthando lwakhe lwebhola lwaqala esemncane. Udlale ibhola elisezingeni eliphansi e-Durban City, emele ikilabhu emazingeni angaphansi kuka-10, 12 no-14. Ngo-1971 u-Mark Tovey waphenduka ubungcweti ngokusayina kwi-Durban United, eneminyaka engu-16. Ngo-1973, u-Mark wasayina i-Durban City. Udlale amasizini ayisithupha kule kilabhu, wawina iligi nenkomishi ngo-1978. Ngo-1980 u-Mark Tovey wadlulela e-Dynamos, wachitha amasizini amabili neqembu.

Mark Tovey
Mark Tovey

Ubuyele ku-Durban City ngo-1982, wawina isicoco seligi se-NPSL neqembu ngo-1982 nango-1983. Ngo-1984 u-Mark Tovey wajoyina i-Bush Bucks. Ubedume kakhulu kubalandeli be-Bush Bucks njengo “Vula Vala”. Ngo-1985 wawina isicoco seligi noBush Bucks. Eminyakeni emibili kamuva wabamba indondo yomnqobi kwi-JPS Cup. Ngo-1988 u-Mark Tovey wadlulela kwi-Kaizer Chiefs. Kwakungalesi sikhathi lapho u-Mark Tovey anikezwa khona igama elithi “Mr Experience” ngabalandeli be-Kaizer Chiefs.

U-Mark Tovey ubemele iNingizimu Afrika neNatal ebholeni.

Leave a Comment