IsiZulu ulimi olukhulunywa ikakhulukazi abantu bakwaZulu Natali kanti futhi luwulimi olungebukhuni uma lukhulunywa. Abantu abakhuluma isiZulu baningi, ngisho nalabo abangasincelanga ebeleni okanye labo abakhuluma ezinye izilimi njengamaXhosa, abeSuthu kanye nabanye. Indlela abantu abangamaZulu abakhuluma ngayo ulimi lwabo iyahlukahlukana ngokwezindawo abahlala kuzo kanye nezibongo zabo. Abantu abahlala ezindaweni zakwaZulu indlela abakhuluma ngayo yehlukile kulabo abahlala ezindaweni eziseduze neTheku. Kunamagama asetshenziswa abantu bakwaZulu ahlukile uma bebiza izinto, abantu abahlala noma abakhele izindawo eziseduze neThekwini njengokuthi bathi isipakupaku kanti abaKwaZulu basibiza ngegumula. Abantu baKwaZulu bayathefula uma bekhuluma okwenza ulimi lwesiZulu kube sengathi luhlukile kanti abakwaCele bathatha uhlamvu oluthi “q” balubize ngo “c”.
IsiZulu sinamagama aqinile kanti futhi sinezisho kanye nezaga ezenza kube sengathi ulimi lwesiZulu lubukhuni kanti akunjalo. Kunamagama okungelula ukuwaphimisa ngolimi lwesiZulu ngenxa yokuthi ayahlambalaza, uma umuntu eke wazwakala ephimisa lawomagama ubukeka njengomuntu ongazihloniphi futhi ongaluhloniphi nolimi lwakhe kodwa lawomagama awanakeki uma uzowasho ngolimi lwesiNgisi. Nakuba kuye kube ngamahloni ukuthi uwasho ngesiNgisi phambi kwabantwana ngoba phela esikhathini samanje abantwana sebeyawazi amagama ahlambalazayo ngolimi lwesiNgisi.
Kuyenzeka uma umuntu ekhuluma afake nezaga kanye nezisho, njengokuthi uma umuntu ethi “ilanga lingawa licoshwe izinkukhu” usuke echaza ukuthi noma kungathiwani leyonto ngeke yenzeke, noma athi “imikhombe iyenanana” lokhu kuchaza ukuthi abantu bayasizana futhi bangabukelani phansi. Lokhu kusuke sekuwukudlalisa ulimi kanti futhi kuyawuhlakaniphisa umqondo. Abantwana abakhula esikhathini samanje bayasikhuluma isiZulu kodwa baye bafake namagama esiNgisi okwenza ukuthi ulimi lugcine selungasazwakali kahle kanti bakhona nalabo abaxuba nesitsotsi. Lokho akukuhle, kufanele baziqhenye ngolimi lwabo futhi baziqhenye ngobunjalo babo. Ulimi lwesiZulu luthi alucishe lifane nolimi lwesiXhosa yize naso isiXhosa sinalawomagama aqinile.
By Zanele Shange
Please send me today’s email for uketshezi