Ukukapalata

Ukukapalata yisifo esiphatha abantwana uma besaqhumisa abathakathi (amazinyo). Kunenkolelo yokuthi akufanele abizwe ngamazinyo ngoba kungaqhubeleka phambili ukufa. Kufana noma umntwana enesifo senyongo nayo inyongo kuthiwa imbi noma umthakathi ukuze ukufa kungaqhubekeli phambili.

Lesisifo siyelapheka kodwa kuyehluka ngokwabantu, lapha sizobheka imithi enjengomgwava nomsilimbuzi. Umntwana ugxotshelwa amahlamvu ale mithi kuhlanganiswe namanzi achathwe ngayo. Lemithi ifike isishubise isisu, umntwana aphile. Umntwana uphuziswa ibomvu, aphinde achathwe ngalo uma abadala besola ukuthi umntwana unesilonda. Uma ingane ikapalata ichathwa ngemithi yokushubisa, imithi yobisi kanti ingafakwa umphuphutho wengwavuma nendalucwatha. Indalucwatha isiza kakhulu uma ingane ivimbene iyaququdwa bese ifuthwa ngayo emakhaleni yenziwe isichonco iphuziswe ingane. Indalucwatha umuthi omkhulu wemimoya. Ingane ike iphathwe isilonda kanti sesixubene nemimoya. Iyasiza kakhulu indalucwatha, iyagxotshwa ifakwe emanzini umntwana achathwe ngayo.

Uma umntwana esedlulile kulesikhathi uyaye aqale adle ukudla okuqinile. Umama womntwana uma enamandla ubonga abaphansi ngenkukhu emhlophe, ukufisela umzukulu wabo okumhlophe ekukhuleni kwakhe. Uma umntwana engaqinile kahle kuyaye kushiswe izinyamazane kushwelezwe kwabaphansi. Lapho umntwana usuke eselungiselwa isigaba esilandelayo lapho esezofunda ukuhamba (ukuchathuza).

By: Sbo Dladla

Leave a Comment