Uma umnumzane esegulela ukufa, sekubonakala ukuthi sezihubela sakusha, uhlaliswa abesilisa abayigazi lakhe, mase kubikelwa izihlobo, abantwana nabomndeni ukuze bazovalelisa kuye. Ngaphambi kokuba adlule emhlabeni, uyaye akhiphe umlayelo wokuthi iyiphi inkomo okufanele ahlatshelwe yona okuba yinkabi, aphinde azisholo yena ukuthi indlu yakhe yokugcina okuyiliba ufuna ibe kuphi. Kuwumgomo ukuthi umnumzane angcwatshwe kwakhe kodwa ke naye unalo igunya lokuzisholo yena uma efuna indlu yakhe ibe semanxiweni oyisemkhulu. Izwi lomuntu osefayo elokugcina, lokhu asekushilo kumele kugcinwe, uma kungagcinwa uyahlupha ekhaya, abantu abakutholi ukuphumula.
Abanye abanumzane babezicelela ukuthi bangcwatshwe behlalisiwe bengalalisiwe phansi. Uma eseshonile, kuhlatshwa lenkomo abeyikhombile, ihlinzwe ngokushesha khona ezogoqwa ngesikhumba sayo isashisa ambathiswe sona, esafudumele ukuze ezokwazi ukugoqeka esafudumele emzimbeni, bese ebekwa emseleni. Umnumzane uhanqwa ngamacansi angabonakali, ekhanda kubekwe inkunzimalanga yetshe. Emva kwalokho, kubikelwa abomuzi ukuthi akasekho, kulandele esikhulu isililo sokudlulelwa umuntu emhlabeni, isililo lesi size sizwiwe omakhelwane bakuloyo muzi nabo balekelele ngesililo. Izingane azivumelekile ukungena kuleyondlu okuhleli kuyo usokhaya lo osuke engasekho, mase kungena abesimame bodwa endlini, abesilisa beza ngoba belethe umlayezo othile kuphela.
Kuba sekungena inkosikazi endala efanele igeze umnumzane. Kuthiwa ugezwa ngamakhubalo, uma esegeziwe usongwa ngesiphuku sakhe, mase egoqwa ngesikhumba senkomo, abuyiselwe khona emseleni emsamo la abehleli khona. Unina nezihlobo bahlala esininini sesifazane, kuthi unkosikazi wakhe ahlale ngasezinyaweni. Imvunulu kasokhaya iyakhunyulwa igcinwe, abadala bazile ukudla, ayikhulunywa ke eyamanzi amponjwana – awathintwa nhlobo. Izinkomo azisengwa ngalelo langa, kanti namasi futhi awathintwa nangezindebe zomlomo. Uma kushoniwe, awubangwa nhlobo umsindo futhi ngisho ukuhleka lokhu akuvunyelwe ngoba isuke ingekho into ehlekwayo.
Brief Overview
It’s an unfortunate fact that we will not live forever and we all have to go through the part of departing our lives. This article mainly discusses what happens when a man of the household passes. It discusses the important details on what happens just after someone has passed on, including the fasting of the family and the slaughter of the cow up until the burial of that person. Moreover, the article also discusses the different roles played by both men and women after the passing of someone up until the day of the burial.
Very helpful
Thank you for reading, Moses! If you would also like to contribute, please click here: https://www.ulwaziprogramme.org/contribute/
Ulwazi Programme
Wow this is very informative thank you for sharing.
Can you also take us through the process of the mother and children after they have lost the head of the family?? (in terms of what they are supposed to do and consequences of not adhering to the steps).
I mean…we don’t know sufferings of the dead… but we can surely rescue those who are still alive ey…