UMashu ngelinye lamalokishi amadala eliseNyakatho yeTheku, laziwa kakhulu ngokuteketiswa kuthiwe kusesiNqawunqawini. Esikhathini esidlule amalokishi abedume kakhulu ngobugebengu nobudlobongela kepha manje lukhulu ushintsho kuwo, luvezwa abantu abaqhamuka emalokishini.
Uma ucabanga abantu abangosaziwayo nababambe iqhaza elikhulu abaqhamuka KwaMashu singabala abantu abanjengo Nomzamo Mbatha, Leleti Khumalo, Minenhle Dlamini, Zakhele ‘Zakes’ Bantwini Madida, Ntokozo Zakwe, Thenjiwe Maphumulo, Rikhado “Riky Rick” Makhado, kanye nabanye abaningi. Ukuveza nje kancane italente labanye babo.
UNomzamo Mbatha ozalwa KwaMashu ungumlingisi, usomabhizinisi, aphinde abe isishoshovu samalungelo abantu. Usezakhele udumo naphesheya kwezilwandle ngemuva ngokudlala indawo kaMirembe omunye wabadlali abaphambili kufilimu ethi “Coming 2 America” ka Eddie Murphy. Le ntokazi eyaqala ukulingisa kumdlalo Isibaya iphinde ibe yinxusa le-UNHCR (United Nations High Commissioner for Refugees goodwill ambassador). UNomzamo ongomunye wabalingisi uMzansi Afrika oziqhenyayo ngaye ngokuphakambisa italente lakulelizwe.
ULeleti Khumalo owaduma ngokudlala uSarafina eminyakeni yama-1990, ungumlingisi ovelele osedlale kwimidlalo enjengo Generations, Uzalo, Imbewu: The Seed lapho aphinde abe ngomunye waprojusa. ULeleti ukuke wadlala kumafilimu ahlukene njenge-Yesterday ne-Invictus.
UZakhele Madida odume ngelika “Zakes Bantwini” ongumculi, umkhiqizi wamarekhodi aphinde abe ngusomabhizinisi. UZakes Bantwini oke wasebenzisana noBlack Coffee bakhipha izingoma ezinjengo “Clap Your Hands”. Izingoma zakhe zakamuva singabala ethi “Mamatheka”, “Umsebenzi” kanye nezinye.
Liningi ithalente elibonakala liphuma kwaMashu okube nomthelela olethe izinguquko ezinhle nasemphakathini. Leli thalente eliphuma kuleli lokishi liholele ekutheni uMashu kube ilokishi lokuqala esifundazweni saKwaZulu Natali ekuqoshelwe kulo umdlalo kamabonakude uZalo. Lo mdlalo kamabonakude ungomunye wemidlalo ehamba phambili, udlala ku-SABC 1 unesasa ngokuqhakambisa ulimi lwesiZulu. Ushintsho nethalente eliqhamuka esiNqawunqawini kumele lihlonishwe liphinde libungazwe.
Ukuphumelela nokusimama kwelokishi lakwaMashu kukhuthaza intsha yamanje ukuthi noma ngabe uzalelwe kuphi ungawafezekisa amaphupho akho uma usebenza ngokuzikhandla nokuzimisela.